UDuteronomi 16:11-12

UDuteronomi 16:11-12 CZB24

Uthokoze phambi kukaJehova uNkulunkulu wakho, wena nendodana yakho, nendodakazi yakho, nenceku yakho, nencekukazi yakho, nomLevi osemasangweni akho, nomfokazi, nentandane, nomfelokazi ophakathi kwakho kuleyo ndawo. UJehova uNkulunkulu wakho ayikhethileyo ukumisa igama layo khona. Kumelwe ukhumbule ukuthi wawuyisigqila eGibhithe; futhi kufanele nigcine futhi nenze lezi zimiso.