UDuteronomi 16:11-12
UDuteronomi 16:11-12 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
wename phambi kukaJehova uNkulunkulu wakho, wena nendodana yakho, nendodakazi yakho, nenceku yakho, nencekukazi yakho, nomLevi ophakathi kwamasango akho, nomfokazi, nentandane, nomfelokazi abaphakathi kwakho endaweni uJehova uNkulunkulu wakho ayakuyikhetha ukuba igama lakhe lihlale kuyo. Wokhumbula ukuthi wawuyisigqila eGibithe, ugcine, uzenze lezi zimiso.
UDuteronomi 16:11-12 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Uyokwenama phambi kukaSimakade uNkulunkulu wakho, wena nendodana yakho, indodakazi yakho, inceku yakho, incekukazi yakho, umLevi ohlala emzini wakho, umfokazi, intandane, nomfelokazi ohlala phakathi kwenu, uyokwenza lokhu endaweni uSimakade uNkulunkulu wakho ayakuyikhetha ukuba igama lakhe lihlale khona. Uyokhumbula ukuthi wawuyisigqila eGibhithe, uqaphele ukuba uzilondoloze, futhi uzenze lezi zimiso.
UDuteronomi 16:11-12 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
Uthokoze phambi kukaJehova uNkulunkulu wakho, wena nendodana yakho, nendodakazi yakho, nenceku yakho, nencekukazi yakho, nomLevi osemasangweni akho, nomfokazi, nentandane, nomfelokazi ophakathi kwakho kuleyo ndawo. UJehova uNkulunkulu wakho ayikhethileyo ukumisa igama layo khona. Kumelwe ukhumbule ukuthi wawuyisigqila eGibhithe; futhi kufanele nigcine futhi nenze lezi zimiso.