KwabaseKolose 2:1-3

KwabaseKolose 2:1-3 CZB24

Ngokuba ngithanda ukuba nazi ukuthi kungakanani ukulwa enginakho ngenxa yenu, nangenxa yabaseLawodikeya, nabo bonke abangabubonanga ubuso bami enyameni; ukuze izinhliziyo zabo ziduduzeke, behlanganiswe othandweni, nakuyo yonke ingcebo yesiqinisekiso esigcwele sokuqonda, ekwazini imfihlakalo kaNkulunkulu, nekaYise, nekaKristu; okufihlwe kuye yonke ingcebo yokuhlakanipha nolwazi.