KwabaseKholose 2:1-3

KwabaseKholose 2:1-3 ZUL20

Ngiyathanda ukuba nazi ukuthi nginikhandlekela kakhulu kangakanani nina nabaseLawodikheya nabo bonke abangakaze bangibone ngamehlo, ukuze izinhliziyo zabo zigqugquzeleke, behlanganisiwe othandweni, ukuze babe nengcebo yonke yokuqonda kweqiniso, bayazi imfihlakalo kaNkulunkulu enguKhristu; okufihlwe kuye wonke amagugu okuhlakanipha nawokwazi.