KwabaseKolose 2:1-3
KwabaseKolose 2:1-3 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
Ngokuba ngithanda ukuba nazi ukuthi kungakanani ukulwa enginakho ngenxa yenu, nangenxa yabaseLawodikeya, nabo bonke abangabubonanga ubuso bami enyameni; ukuze izinhliziyo zabo ziduduzeke, behlanganiswe othandweni, nakuyo yonke ingcebo yesiqinisekiso esigcwele sokuqonda, ekwazini imfihlakalo kaNkulunkulu, nekaYise, nekaKristu; okufihlwe kuye yonke ingcebo yokuhlakanipha nolwazi.
KwabaseKolose 2:1-3 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)
Ngokuba ngithanda ukuba nazi ukuthi kungakanani ukulwa enginakho ngenxa yenu, nangenxa yabaseLawodikeya, nabo bonke abangabubonanga ubuso bami enyameni; ukuze izinhliziyo zabo ziduduzeke, behlanganiswe othandweni, nakuyo yonke ingcebo yesiqinisekiso esigcwele sokuqonda, ekwazini imfihlakalo kaNkulunkulu, nekaYise, nekaKristu; okufihlwe kuye yonke ingcebo yokuhlakanipha nolwazi.
KwabaseKolose 2:1-3 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Ngiyathanda ukuba nazi ukuthi nginikhandlekela kakhulu kangakanani nina nabaseLawodikheya nabo bonke abangakaze bangibone ngamehlo, ukuze izinhliziyo zabo zigqugquzeleke, behlanganisiwe othandweni, ukuze babe nengcebo yonke yokuqonda kweqiniso, bayazi imfihlakalo kaNkulunkulu enguKhristu; okufihlwe kuye wonke amagugu okuhlakanipha nawokwazi.
KwabaseKolose 2:1-3 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Ngokuba ngiyathanda ukuba nazi ukuthi kukhulu kangakanani ukulwa enginakho ngenxa yenu nabaseLawodikeya nabo bonke abangabonanga ubuso bami ngamehlo, ukuze izinhliziyo zabo ziduduzwe, behlanganisiwe othandweni babe nengcebo yonke yokwazi okuphelele, bazisise imfihlakalo kaNkulunkulu enguKristu, okufihlwe kuye amagugu onke okuhlakanipha nowokwazi.