IzEnzo 7:1-16

IzEnzo 7:1-16 CZB24

Wayesethi umpristi omkhulu: “Zinjalo lezi zinto na? Wasesithi: Madoda, bazalwane, labobaba, lalelani; UNkulunkulu wenkazimulo wabonakala kubaba wethu u-Abrahama eseMesophothamiya, engakakhi eHarana; Wathi kuye: “Phuma ezweni lakini nasezihlotsheni zakho, uye ezweni engiyakukukhombisa lona. Wayesephuma ezweni lamaKaledi, wahlala eHarana; kwathi esefile uyise wamyisa kuleli zwe enihlala kulo manje. Futhi kamnikanga ilifa kulo, hatshi, ngitsho lendawo yokubeka unyawo lwakhe, kodwa wathembisa ukumnika lona libe ngelakhe, lenzalo yakhe emva kwakhe, engakabi lomntwana. UNkulunkulu wakhuluma kanje, wathi: “Inzalo yakhe iyakuba ngabafokazi ezweni lezizwe; nokuthi babenze izigqila, babaphathe kabi iminyaka engamakhulu amane. Nesizwe eyakuba yizigqila zaso ngiyakusahlulela mina, washo uNkulunkulu, andukuba baphume, bangikhonze kule ndawo. Wasemnika isivumelwano sokusoka; ngakho u-Abhrahama wazala u-Isaka, wamsoka ngosuku lwesificaminwembili; u-Isaka wazala uJakobe; uJakobe wazala okhokho abayishumi nambili. Okhokho baba lomhawu ngoJosefa, bathengisa ngoJosefa eGibhithe, kodwa uNkulunkulu wayelaye. Wamkhulula kuzo zonke izinhlupheko zakhe, wamnika umusa nokuhlakanipha phambi kukaFaro inkosi yaseGibithe; wamenza umbusi phezu kweGibithe nendlu yakhe yonke. Kwase kufika indlala ezweni lonke laseGibithe nelaseKhanani, nokuhlupheka okukhulu; obaba kabafumananga ukudla. Kepha uJakobe esezwile ukuthi kukhona amabele eGibithe, wathuma obaba okokuqala. Kwasekusithi ngokwesibili uJosefa wabonakala kubafowabo; isihlobo sikaJosefa sesaziwa kuFaro. UJosefa wayesethuma wabiza uJakobe uyise, nezihlobo zakhe zonke, abantu abangamashumi ayisikhombisa nanhlanu. UJakobe wehlela eGibithe, wafa, yena nawobaba bethu; Bathwalwa basiwa eShekemi, babekwa ethuneni u-Abrahama awalithenga ngenani lemali kumadodana kaHamori waseShekemi.

Funda IzEnzo 7