IzEnzo 7:1-16

IzEnzo 7:1-16 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)

Wayesethi umpristi omkhulu: “Zinjalo lezi zinto na? Wasesithi: Madoda, bazalwane, labobaba, lalelani; UNkulunkulu wenkazimulo wabonakala kubaba wethu u-Abrahama eseMesophothamiya, engakakhi eHarana; Wathi kuye: “Phuma ezweni lakini nasezihlotsheni zakho, uye ezweni engiyakukukhombisa lona. Wayesephuma ezweni lamaKaledi, wahlala eHarana; kwathi esefile uyise wamyisa kuleli zwe enihlala kulo manje. Futhi kamnikanga ilifa kulo, hatshi, ngitsho lendawo yokubeka unyawo lwakhe, kodwa wathembisa ukumnika lona libe ngelakhe, lenzalo yakhe emva kwakhe, engakabi lomntwana. UNkulunkulu wakhuluma kanje, wathi: “Inzalo yakhe iyakuba ngabafokazi ezweni lezizwe; nokuthi babenze izigqila, babaphathe kabi iminyaka engamakhulu amane. Nesizwe eyakuba yizigqila zaso ngiyakusahlulela mina, washo uNkulunkulu, andukuba baphume, bangikhonze kule ndawo. Wasemnika isivumelwano sokusoka; ngakho u-Abhrahama wazala u-Isaka, wamsoka ngosuku lwesificaminwembili; u-Isaka wazala uJakobe; uJakobe wazala okhokho abayishumi nambili. Okhokho baba lomhawu ngoJosefa, bathengisa ngoJosefa eGibhithe, kodwa uNkulunkulu wayelaye. Wamkhulula kuzo zonke izinhlupheko zakhe, wamnika umusa nokuhlakanipha phambi kukaFaro inkosi yaseGibithe; wamenza umbusi phezu kweGibithe nendlu yakhe yonke. Kwase kufika indlala ezweni lonke laseGibithe nelaseKhanani, nokuhlupheka okukhulu; obaba kabafumananga ukudla. Kepha uJakobe esezwile ukuthi kukhona amabele eGibithe, wathuma obaba okokuqala. Kwasekusithi ngokwesibili uJosefa wabonakala kubafowabo; isihlobo sikaJosefa sesaziwa kuFaro. UJosefa wayesethuma wabiza uJakobe uyise, nezihlobo zakhe zonke, abantu abangamashumi ayisikhombisa nanhlanu. UJakobe wehlela eGibithe, wafa, yena nawobaba bethu; Bathwalwa basiwa eShekemi, babekwa ethuneni u-Abrahama awalithenga ngenani lemali kumadodana kaHamori waseShekemi.

Dlulisela
Funda IzEnzo 7

IzEnzo 7:1-16 IsiZulu 2020 (ZUL20)

Umphristi omkhulu wayesethi: “Ngabe impela lokhu kunjalo yini na?” Yena wathi: “Madoda, bazalwane, nani bobaba, lalelani. UNkulunkulu wenkazimulo wabonakala kukhokho wethu u-Abhrahama eseMesophothamiya, engakathutheli eHarana, wathi kuye: ‘Phuma ezweni lakini nasezihlotsheni zakho, uye ezweni engizakukhombisa lona.’ “Waphuma ezweni lamaKhaledi, wayokwakha eHarana. Emva kokufa kukayise, uNkulunkulu wamsusa lapho, wamhlalisa kuleli lizwe enakhe kulo nina manje. Kepha akamnikanga ifa kulo, ngisho nesiqinti esingangonyawo, kodwa wethembisa ukuthi uzakumnika lona libe ngelakhe nenzalo yakhe, emva kwakhe, engakabi namntwana. UNkulunkulu wakhuluma kanje, wathi: ‘Ulibo lwakhe luzakuba ngumfokazi ezweni lezizwe; bayakulugqilaza, baluphathe kabi iminyaka engama-400. Kepha leso sizwe abayakuba yizigqila zaso; ngiyakusehlulela,’ kusho uNkulunkulu, ‘emveni kwalokho bayakuphuma, bangikhonze kule ndawo.’ “Wayesemnika isivumelwano sokusoka. Waba kanjalo-ke nguyise ka-Isaka, wamsoka ngosuku lwesishiyagalombili. U-Isaka wazala uJakobe, uJakobe wazala okhokho abali-12. “Okhokho baba nomhawu ngoJosefa, base bethengisa ngaye eGibhithe, kodwa uNkulunkulu wayenaye. Wamkhulula kuzo zonke izinhlupheko ezamehlelayo, wamupha umusa nokuhlakanipha phambi kukaFaro, iNkosi yaseGibhithe. UFaro wambeka ukuba abe ngumbusi eGibhithe nakuyo yonke indlu yakhe. “Kepha kwafika indlala kulo lonke iGibhithe naseKhanani, nokuhlupheka okukhulu; okhokho kabakutholanga ukudla. Kuthe uJakobe esezwile ukuthi kukhona ukudla eGibhithe, wayesethumela okhokho okokuqala. Kwathi sebebuyela okwesibili, uJosefa waziveza kubafowabo, uFaro wayesaziswa ngomndeni kaJosefa. UJosefa wathumela, walanda uyise uJakobe nabo bonke abakubo, abantu abangama-75. UJakobe wehlela eGibhithe; wafela khona, yena nawokhokho. Babuyiswa eShekhemu, babekwa ethuneni u-Abhrahama ayelithenge ngenani lesiliva kumadodana kaHamori eShekhemu.

Dlulisela
Funda IzEnzo 7

IzEnzo 7:1-16 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)

Umpristi omkhulu wayesethi: “Nembala lokhu kunjalo na?” Yena wathi: “Madoda, bazalwane, nani bobaba, lalelani. UNkulunkulu wenkazimulo wabonakala kubaba u-Abrahama eseMesopotamiya, engakakhi eHarana, wathi kuye: ‘Phuma ezweni lakini nasezihlotsheni zakho, uye ezweni engizakukukhombisa lona.’ “Khona waphuma ezweni lamaKaledi, waya wakha eHarana. Kwathi esefile uyise, uNkulunkulu wamsusa lapho, wamhlalisa kuleli zwe enakhe kulo nina manje. Kepha akamnikanga ifa kulo, ngisho nelingangonyawo, wathembisa kodwa ukuthi uzakumnika lona libe ngelakhe nelenzalo yakhe emva kwakhe, engakabi namntwana. UNkulunkulu wakhuluma kanje, wathi: ‘Inzalo yakhe izakuba ngumfokazi ezweni lezizwe; bayakuyenza izigqila, bayiphathe kabi iminyaka engamakhulu amane. Kepha leso sizwe abayakuba yizigqila kuso ngiyakusahlulela mina, washo uNkulunkulu, andukuba baphume, bangikhonze kule ndawo.’ Wayesemnika isivumelwano sokusoka; kanjalo-ke wazala u-Isaka, wamsoka ngosuku lwesishiyagalombili; u-Isaka wazala uJakobe, uJakobe wazala okhokho abayishumi nambili. “Okhokho baba nomhawu ngoJosefa, bathengisa ngaye, wasiwa eGibithe; kodwa uNkulunkulu wayenaye, wamkhipha kuzo zonke izinhlupheko zakhe, wamupha umusa nokuhlakanipha phambi kukaFaro inkosi yaseGibithe; yena wammisa abe ngumbusi eGibithe nakuyo yonke indlu yakhe. “Kepha kwafika indlala kulo lonke iGibithe nakwaKhanani, nokuhlupheka okukhulu; obaba kabafumana ukudla. UJakobe esezwile ukuthi kukhona ukudla eGibithe, wathuma obaba ngokokuqala; kwathi ngokwesibili uJosefa waziwa ngabafowabo; kwabonakala kuFaro isizwe sakubo kaJosefa. UJosefa wayesethumela wabiza uJakobe uyise nabakubo bonke, abantu abangamashumi ayisikhombisa nanhlanu. UJakobe wehlela eGibithe; wafa yena nawobaba. Bayiswa eSikemi, babekwa ethuneni alithenga u-Abrahama ngenani lesiliva kumadodana kaHamori eSikemi.

Dlulisela
Funda IzEnzo 7

IzEnzo 7:1-16 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)