IzEnzo 4:23-35

IzEnzo 4:23-35 CZB24

Sebekhululiwe baya kwabakubo, babika konke abapristi abakhulu namalunga ababekushilo kubo. Kwathi sebezwile baphakamisa ilizwi labo kuNkulunkulu nganhliziyonye, bathi: Nkosi, wena unguNkulunkulu owenzile izulu lomhlaba, lolwandle, lakho konke okukukho; owasho ngomlomo kaDavide inceku yakho ukuthi: ‘Kungani abezizwe baxokozele, nabantu bacabange okuyize, na? Amakhosi omhlaba asukuma, nababusi babuthana ndawonye ngokumelene neNkosi noKristu wayo. Ngokuba isibili uHerode, noPontiyu Pilatu, kanye nabezizwe, nabantu bakwa-Israyeli babuthana ndawonye ngokumelene neNdodana yakho engcwele uJesu owamgcobayo; ukuba ngenze konke esakumisela ngaphambili isandla sakho namasu akho ukuba kwenziwe. Manje-ke, Nkosi, bheka ukusongela kwabo, unike izinceku zakho ukuba zikhulume izwi lakho ngesibindi sonke. Ngokwelula isandla sakho ukuphulukisa; nokuthi izibonakaliso nezimangaliso zenziwe ngegama leNdodana yakho engcwele uJesu. Kwathi sebekhulekile, indawo ababebuthene kuyo yazamazama; basebegcwaliswa bonke ngoMoya oNgcwele, basebekhuluma ilizwi likaNkulunkulu ngesibindi. Kepha isixuku sabakholwayo sasinhliziyonye nomphefumulo munye; kodwa bahlanganyela zonke izinto. Abaphostoli bafakaza ngamandla amakhulu ngokuvuka kweNkosi uJesu; umusa omkhulu wawuphezu kwabo bonke. Kwakungekho phakathi kwabo owayeswela, ngokuba bonke ababenezindawo noma izindlu bathengisa, baletha amanani okuthengisiweyo. Bakubeka phansi ezinyaweni zabaphostoli, kwasekwabelwa yilowo nalowo njengokuswela kwakhe.

Funda IzEnzo 4