IzEnzo 4:23-35

IzEnzo 4:23-35 IsiZulu 2020 (ZUL20)

Kuthe sebededelwe, baya kwabakubo; bababikela konke abaphristi abakhulu namalunga abakushilo kubo. Sebezwile, benyusela izwi labo nganhliziyonye kuNkulunkulu, bathi: “Somandla, wena owenza izulu, umhlaba, ulwandle nakho konke okukukho, nguWena owakhuluma ngoMoya oNgcwele ngomlomo kababa uDavide inceku yakho, wathi: “ ‘Kungani ukuba abezizwe baxokozele, nabantu bacebe okuyize na? Amakhosi omhlaba aviva ndawonye, nababusi bahlangene ukumelana neNkosi kanye noGcotshiweyo wayo.’ “Ngokuba kuwo lo muzi, uHerode, uPhontiyu Pilatu, nabezizwe nabantu bakwa-Israyeli bahlangana bamelana neNceku yakho engcwele, uJesu owamgcobayo, ukufeza lokho owawuyimisele ukuba ikwenze kwaphambilini, ngesandla nangecebo lakho ukuba kwenzeke. Manje, Nkosi, bheka ukusongela kwabo, unike izinceku zakho ukuba zikhulume izwi lakho ngaso sonke isibindi, wena welule isandla sakho ukuphulukisa, ukwenza izibonakaliso nezimangaliso ngegama leNceku yakho engcwele uJesu.” Kwathi sebekhulekile, kwazanyazanyiswa indawo ababehlanganele kuyo, bonke bagcwaliswa nguMoya oNgcwele, bakhuluma izwi likaNkulunkulu ngesibindi. Isixuku sabakholwayo sasinhliziyonye namphefumulo munye, akubanga bikho noyedwa owathi ngempahla yakhe, ingeyakhe, kodwa bahlanganyela kukho konke. Abaphostoli bethula ngamandla amakhulu ubufakazi ngokuvuka kweNkosi uJesu; umusa omkhulu wawuphezu kwabo bonke. Kwakungekho osweleyo phakathi kwabo, ngokuba bonke ababengabanikazi bamazwe noma bezindlu bathengisa ngakho, imali yalokho ababekuthengisile bayiletha, bayibeka ngasezinyaweni zabaphostoli, kwaba yilowo nalowo wabelwa njengokuntula kwakhe.

Dlulisela
Funda IzEnzo 4

IzEnzo 4:23-35 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)

Sebeyekiwe baya kwabakubo, babika konke abapristi abakhulu namalunga abekushilo kubo. Bona sebezwile baphakamisa izwi kuNkulunkulu nganhliziyonye, bathi: “Somandla, wena owenza izulu, nomhlaba, nolwandle, nakho konke okukukho, owasho ngoMoya oNgcwele ngomlomo kababa uDavide inceku yakho ukuthi: “ ‘Kungani ukuba abezizwe baxokozele, nabantu bacebe okuyize, na? Amakhosi omhlaba aqhelile, nababusi bayihlanganyele iNkosi noGcotshiweyo wayo.’ “Ngokuba ngempela oHerode, noPontiyu Pilatu, kanye nabezizwe, nabantu bakwa-Israyeli bayihlanganyela kulo muzi iNceku yakho engcwele uJesu owamgcobayo ukuzakukwenza lokho okumiswe ngaphambili yisandla necebo lakho ukuba kwenzeke. Manje-ke, Nkosi, bheka ukusongela kwabo, unike izinceku zakho ukuba zikhulume izwi lakho ngaso sonke isibindi ngokwelula isandla sakho ukuphulukisa, kwenziwe izibonakaliso nezimangaliso ngegama leNceku yakho engcwele uJesu.” Kwathi sebekhulekile, kwazanyazanyiswa indawo lapho bebebuthene khona, bagcwaliswa bonke nguMoya oNgcwele, bakhuluma izwi likaNkulunkulu ngesibindi. Isixuku sabakholwayo sasinhliziyonye nomphefumulo munye; akwabakho noyedwa owasho ngezimpahla zakhe ukuthi ngezakhe, kodwa bakuhlanganyela konke. Abaphostoli baveza ngamandla amakhulu ubufakazi ngokuvuka kweNkosi uJesu; umusa omkhulu wawuphezu kwabo bonke. Kwakungekho oswelayo phakathi kwabo; ngokuba bonke ababengabanikazi bamazwe noma bezindlu bathengisa ngakho, baletha imali yalokho abathengise ngakho, bayibeka ngasezinyaweni zabaphostoli; kwaba yilowo nalowo wabelwa njengokuswela kwakhe.

Dlulisela
Funda IzEnzo 4

IzEnzo 4:23-35 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)

Sebekhululiwe baya kwabakubo, babika konke abapristi abakhulu namalunga ababekushilo kubo. Kwathi sebezwile baphakamisa ilizwi labo kuNkulunkulu nganhliziyonye, bathi: Nkosi, wena unguNkulunkulu owenzile izulu lomhlaba, lolwandle, lakho konke okukukho; owasho ngomlomo kaDavide inceku yakho ukuthi: ‘Kungani abezizwe baxokozele, nabantu bacabange okuyize, na? Amakhosi omhlaba asukuma, nababusi babuthana ndawonye ngokumelene neNkosi noKristu wayo. Ngokuba isibili uHerode, noPontiyu Pilatu, kanye nabezizwe, nabantu bakwa-Israyeli babuthana ndawonye ngokumelene neNdodana yakho engcwele uJesu owamgcobayo; ukuba ngenze konke esakumisela ngaphambili isandla sakho namasu akho ukuba kwenziwe. Manje-ke, Nkosi, bheka ukusongela kwabo, unike izinceku zakho ukuba zikhulume izwi lakho ngesibindi sonke. Ngokwelula isandla sakho ukuphulukisa; nokuthi izibonakaliso nezimangaliso zenziwe ngegama leNdodana yakho engcwele uJesu. Kwathi sebekhulekile, indawo ababebuthene kuyo yazamazama; basebegcwaliswa bonke ngoMoya oNgcwele, basebekhuluma ilizwi likaNkulunkulu ngesibindi. Kepha isixuku sabakholwayo sasinhliziyonye nomphefumulo munye; kodwa bahlanganyela zonke izinto. Abaphostoli bafakaza ngamandla amakhulu ngokuvuka kweNkosi uJesu; umusa omkhulu wawuphezu kwabo bonke. Kwakungekho phakathi kwabo owayeswela, ngokuba bonke ababenezindawo noma izindlu bathengisa, baletha amanani okuthengisiweyo. Bakubeka phansi ezinyaweni zabaphostoli, kwasekwabelwa yilowo nalowo njengokuswela kwakhe.

Dlulisela
Funda IzEnzo 4

IzEnzo 4:23-35 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)