IzEnzo 27:21-26

IzEnzo 27:21-26 CZB24

Kwathi emva kokuzila isikhathi eside, uPawulu wema phakathi kwabo, wathi: “Madoda, ngabe nangilalela, anasuka eKrethe, nazuza kulokhu kubi nokulahlekelwa. Kepha manje ngiyanincenga ukuba nibe nesibindi, ngokuba akuyikulahlekelwa muntu phakathi kwenu, kuphela umkhumbi. Ngoba kulobubusuku bekumi kimi ingilosi kaNkulunkulu engingowakhe, lengimkhonzayo, Isithi: Ungesabi, Pawuli; umelwe ukumiswa phambi kukaKesari; bheka, uNkulunkulu ukunikile bonke abahamba nawe ngomkhumbi. Ngakho yimani isibindi, madoda, ngokuba ngiyakholwa nguNkulunkulu ukuthi kuyakuba njengalokho engitsheliwe. Kodwa simelwe ukuphonswa esiqhingini esithile.

Funda IzEnzo 27