IzEnzo 27:21-26
IzEnzo 27:21-26 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
Kwathi emva kokuzila isikhathi eside, uPawulu wema phakathi kwabo, wathi: “Madoda, ngabe nangilalela, anasuka eKrethe, nazuza kulokhu kubi nokulahlekelwa. Kepha manje ngiyanincenga ukuba nibe nesibindi, ngokuba akuyikulahlekelwa muntu phakathi kwenu, kuphela umkhumbi. Ngoba kulobubusuku bekumi kimi ingilosi kaNkulunkulu engingowakhe, lengimkhonzayo, Isithi: Ungesabi, Pawuli; umelwe ukumiswa phambi kukaKesari; bheka, uNkulunkulu ukunikile bonke abahamba nawe ngomkhumbi. Ngakho yimani isibindi, madoda, ngokuba ngiyakholwa nguNkulunkulu ukuthi kuyakuba njengalokho engitsheliwe. Kodwa simelwe ukuphonswa esiqhingini esithile.
IzEnzo 27:21-26 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)

IzEnzo 27:21-26 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Kwase kuyisikhathi eside bengadli lutho, uPawula wasukuma phakathi kwabo, wathi: “Madoda, ngabe nalalela mina, anasuka eKhrethe, naphepha kule ngozi nakulokhu kulahlekelwa. Manje ngiyaneluleka ukuba nime isibindi, ngokuba akuzukufa namunye phakathi kwenu, kodwa umkhumbi kuphela. Ngokuba ngalobu busuku bekumi ngakimi ingelosi kaNkulunkulu engingowakhe nengimkhonzayo, yathi: ‘Ungesabi, Pawula, kumele ukuba ume phambi kukaKhesari. UNkulunkulu ukuphile bonke abahamba nawe kulo mkhumbi.’ “Ngakho-ke yimani isibindi, madoda, ngiyakholwa nguNkulunkulu ukuthi kuzakuba njengokuba ekhulumile kimi. Kepha kufanele ukuba siphumele esiqhingini esithile.”
IzEnzo 27:21-26 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Sekuyisikhathi eside bengasadli lutho, uPawulu wasukuma phakathi kwabo, wathi: “Madoda, ngabe nalalela mina, kanamuka eKrethe, naphepha kule ngozi nakulokhu kuchithakala. Kepha manje senginiluleka ukuba nime isibindi, ngokuba akuyikufa muntu kini, umkhumbi kuphela. Ngokuba ngalobu busuku bekumi ngakimi ingelosi kaNkulunkulu engingowakhe nengimkhonzayo, yathi: ‘Ungesabi, Pawulu; umelwe ukuma phambi kukaKesari; bheka, uNkulunkulu ukuphile bonke abahamba nawe emkhunjini.’ Ngalokho yimani isibindi, madoda; ngokuba ngiyakholwa nguNkulunkulu ukuthi kuzakuba njengalokho kukhulunyiwe kimi. Kepha simelwe ukukhahleleka esiqhingini esithile.”