IzEnzo 27:1-12

IzEnzo 27:1-12 CZB24

Kwathi sekunqunyiwe ukuthi siye e-Italiya ngomkhumbi, banikela uPawulu nezinye iziboshwa ezithile enduneni yekhulu, igama layo linguJuliyu, webutho lika-Awugustu. Sangena emkhunjini wase-Adramitiyu, owawusizodabula ezindaweni zase-Asiya, sasuka; kwakukhona u-Aristarku umMakedoniya waseThesalonika enathi. Ngangomuso safika eSidoni; UJuliyu waphatha uPawulu ngobubele, wamvumela ukuba aye kubangane bakhe, athole usizo. Sasuka lapho, sagudla ngenzansi kweKhupro, ngokuba imimoya yayiphambene. Sadabula ulwandle lwaseKhilikhiya nasePhamfiliya, safika eMira yaseLisiya. Khona induna yafumana umkhumbi wase-Aleksandriya oya e-Italiya; wasifaka khona. Sesihambe kancane izinsuku eziningi, safika kalukhuni ngaseKinidu, umoya ungasivumeli, sagudla iKrethe malungana neSalimone; Sase sihamba kalukhuni safika endaweni ethiwa Amatheku Amahle; eduze kwalapho kwakukhona umuzi waseLaseya. Kwathi sesidlulile isikhathi eside, lokuhamba ngomkhumbi sekuyingozi, ngoba ukuzila ukudla kwasekudlulile, uPawuli wabalaya; Wasesithi kubo: Madoda, ngiyabona ukuthi loluhambo luzakuba lokulimala lomonakalo omkhulu, kungeyisiwo owempahla lomkhumbi kuphela, kodwa lempilo yethu. Nokho induna yekhulu yakholwa umshayeli nomnikazi womkhumbi kunalezo ezazishiwo uPawulu. Kwathi ngenxa yokuthi itheku lalingekuhle ukuhlala ebusika kulo, abanengi bacebisana nokuthi kusuke lapho, ukuba mhlawumbe bafike eFenike, balale khona ubusika; eliyitheku laseKrethe, elibheke eningizimu-ntshonalanga nasenyakatho-ntshonalanga.

Funda IzEnzo 27