IzEnzo 27:1-12

IzEnzo 27:1-12 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)

Kwathi sekunqunyiwe ukuba siye e-Italiya ngomkhumbi, banikela uPawulu nezinye iziboshwa ezithile enduneni yekhulu, igama layo linguJuliyu, eyebutho likaKesari. Sangena emkhunjini wase-Adramitiyu obusuzakuya ezindaweni zangase-Asiya, u-Aristarku umMakedoniya waseThesalonika enathi. Ngangomuso safika eSidoni; uJuliyu wamphatha kahle uPawulu, wamvumela ukuba aye kubahlobo bakhe, ahlunyelelwe. Sasuka lapho, sagudla ngenzansi kweKhupro, ngokuba imimoya yayiphambene nathi. Sesidabulile ulwandle olungaseKhilikhiya nePhamfiliya safika eMira laseLikhiya. Lapho-ke induna yafumana umkhumbi wase-Aleksandriya oqonde e-Italiya, yasingenisa kuwo. Sesihambe kancane izinsuku eziningi saze safika kalukhuni ngaseKinidu, umoya ungasivumeli, sagudla iKrethe maqondana neSalimone, sagudla lona kalukhuni, safika endaweni ethile ethiwa Matheku Mahle; eduze nayo kukhona umuzi waseLaseya. Kwathi sekudlulile isikhathi eside, sekuyingozi ukuhamba ngomkhumbi, ngokuba isikhathi seNzilo sase sidlulile, uPawulu wabaluleka, wathi kubo: “Madoda, ngiyabona ukuthi lolu hambo luzakuba nengozi nokuchithakala okukhulu, kungabi ngokwempahla nokomkhumbi kuphela kepha nokokuphila kwethu.” Kepha induna yekhulu yethemba umshayeli womkhumbi nomniniwo kakhulu kunalokho okwakhulunywa nguPawulu. Njengokuba itheku lalingalungile ukuhlala khona ebusika, iningi labo laluleka ukuba kusukwe khona, mhlawumbe kwenzeke ukuba bafinyelele eFeniksi, itheku laseKrethe elibheke entshonalanga yaseningizimu nasentshonalanga yasenyakatho, bahlale khona ebusika.

Dlulisela
Funda IzEnzo 27

IzEnzo 27:1-12 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)

Kwathi sekunqunyiwe ukuthi siye e-Italiya ngomkhumbi, banikela uPawulu nezinye iziboshwa ezithile enduneni yekhulu, igama layo linguJuliyu, webutho lika-Awugustu. Sangena emkhunjini wase-Adramitiyu, owawusizodabula ezindaweni zase-Asiya, sasuka; kwakukhona u-Aristarku umMakedoniya waseThesalonika enathi. Ngangomuso safika eSidoni; UJuliyu waphatha uPawulu ngobubele, wamvumela ukuba aye kubangane bakhe, athole usizo. Sasuka lapho, sagudla ngenzansi kweKhupro, ngokuba imimoya yayiphambene. Sadabula ulwandle lwaseKhilikhiya nasePhamfiliya, safika eMira yaseLisiya. Khona induna yafumana umkhumbi wase-Aleksandriya oya e-Italiya; wasifaka khona. Sesihambe kancane izinsuku eziningi, safika kalukhuni ngaseKinidu, umoya ungasivumeli, sagudla iKrethe malungana neSalimone; Sase sihamba kalukhuni safika endaweni ethiwa Amatheku Amahle; eduze kwalapho kwakukhona umuzi waseLaseya. Kwathi sesidlulile isikhathi eside, lokuhamba ngomkhumbi sekuyingozi, ngoba ukuzila ukudla kwasekudlulile, uPawuli wabalaya; Wasesithi kubo: Madoda, ngiyabona ukuthi loluhambo luzakuba lokulimala lomonakalo omkhulu, kungeyisiwo owempahla lomkhumbi kuphela, kodwa lempilo yethu. Nokho induna yekhulu yakholwa umshayeli nomnikazi womkhumbi kunalezo ezazishiwo uPawulu. Kwathi ngenxa yokuthi itheku lalingekuhle ukuhlala ebusika kulo, abanengi bacebisana nokuthi kusuke lapho, ukuba mhlawumbe bafike eFenike, balale khona ubusika; eliyitheku laseKrethe, elibheke eningizimu-ntshonalanga nasenyakatho-ntshonalanga.

Dlulisela
Funda IzEnzo 27

IzEnzo 27:1-12 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)

IzEnzo 27:1-12 IsiZulu 2020 (ZUL20)

Kwathi sekunqunyiwe ukuba siye e-Ithaliya ngomkhumbi, banikela uPawula nezinye iziboshwa ezithile esandleni senduna yekhulu, igama layo nguJuliyase, eyebutho likaKhesari. Sangena emkhunjini wase-Adramathiyu owawusazosuka ugudle ugu e-Asiya, u-Aristarkhu umMakhedoniya waseThesalonikha wayekanye nathi. Ngakusasa safika echwebeni eSidoni, uJuliyase wamphatha kahle uPawula, wamvumela ukuba aye kubangani bakhe, anakekelwe kahle. Sasuka lapho, sagudla ngezansi kweKhuphro, ngokuba umoya wawuphikisana nathi. Sesidabule olwandle olungaseKhilikhiya nePhamfiliya, safika eMira laseLikhiya. Lapho-ke induna yathola umkhumbi wase-Aleksandriya oqonde e-Ithaliya, yasigibelisa kuwo. Sahamba kancane ngenxa yomoya, kwasithatha isinsuku eziningi saze safika kanzima ngaseKhinidu, kwazise umoya wawusivimbile, sagudla iKhrethe maqondana neSalimone, saligudla kunzima, saze safika endaweni ethile okuthiwa iMatheku Mahle, eduze nayo kukhona umuzi iLaseya. Kwathi sekwedlule isikhathi eside, sekuyingozi ukuhamba ngomkhumbi, kwazise isikhathi sokuzila sase sedlule; uPawula wabeluleka, wathi kubo: “Madoda, ngiyabona ukuthi lolu hambo luzokuba nobunzima nokulahlekelwa okukhulu, hhayi impahla nje nomkhumbi kuphela, kodwa nempilo yethu.” Induna yekhulu yethemba umshayeli womkhumbi nomniniwo kakhulu kunalokho okwakhulunywa nguPawula. Kepha itheku lakhona lalingakulungele ukuba kuhlalwe kulo ebusika, iningi labo laphakamisa ukuba kusukwe lapho, hleze kwenzeke bafike eFenikisi, itheku eKhrethe elibheke entshonalanga yaseningizimu, nasentshonalanga ngasenyakatho bahlale khona kuze kwedlule ubusika.

Dlulisela
Funda IzEnzo 27