IzEnzo 20:17-38

IzEnzo 20:17-38 CZB24

EseMilethu wathumela e-Efesu, wabiza amalunga ebandla. Sebefikile kuye, wathi kubo: Niyazi, kusukela osukwini lokuqala engafika ngalo eAsiya, ukuthi nganginjani kini ngezikhathi zonke; ngikhonza iNkosi ngakho konke ukuthobeka kwengqondo, langezinyembezi ezinengi, lezilingo, engangehlelayo ngokuqamekela abaJuda; lokuthi kangigodlanga lutho olungalisizanga, kodwa ngalitshela, ngalifundisa obala lendlu ngendlu; ngifakaza kubaJuda nakumaGreki ukuphendukela kuNkulunkulu, nokukholwa eNkosini yethu uJesu Kristu. Manje bhekani, mina ngiya eJerusalema ngiboshiwe emoyeni, ngingakwazi okuyakungehlela khona; ngaphandle kokuthi uMoya oNgcwele uyafakaza emizini ngemizi, ethi izibopho nezinhlupheko zingilindile. Kepha akukho kwalokhu okunginyakazisayo, futhi ukuphila kwami angikuthathi njengokubalulekile kimi, ukuze ngiqede inkambo yami ngentokozo, nenkonzo engayamukela eNkosini uJesu yokufakaza ivangeli lomusa kaNkulunkulu. Manje bhekani, ngiyazi ukuthi nina nonke engahamba phakathi kwenu ngishumayela umbuso kaNkulunkulu anisayikubona ubuso bami. Ngakho ngiyafakaza kini namuhla ukuthi anginacala egazini labo bonke abantu. Ngoba angigodlanga ukulitshumayela lonke icebo likaNkulunkulu. Ziqapheleni nina nomhlambi wonke anibeke kuwo uMoya oNgcwele ukuba nibe ngababonisi bokwelusa ibandla likaNkulunkulu azithengele lona ngegazi lakhe. Ngokuba ngiyazi lokhu ukuthi emva kokumuka kwami kuyakungena phakathi kwenu izimpisi ezihahayo, zingawuhawukeli umhlambi. Nakini ngokwenu kuyakuvela amadoda, ekhuluma izinto ezonakele, ukuze ahuge abafundi emva kwabo. Ngakho-ke lindani, nikhumbule, ukuthi iminyaka emithathu ubusuku nemini angiyekanga ukuxwayisa yilowo nalowo ngezinyembezi. Manje, bazalwane, ngiyaninikela kuNkulunkulu nasezwini lomusa wakhe, onamandla okulakha, nokuninika ifa phakathi kwabo bonke abangcwelisiwe. Angifisanga isiliva, nagolide, nengubo yomuntu; Nani ngokwenu niyazi ukuthi lezi zandla zisebenzele izidingo zami nezababe nami. Kukho konke nginibonisile, ukuthi ngokushikashikeka kanje kufanele nisize ababuthakathaka, nikhumbule amazwi eNkosi uJesu, ukuthi yathi: ‘Kubusisekile ukupha kunokwamukela.’ Eseshilo lokho waguqa phansi nabo bonke, wakhuleka. Basebekhala kakhulu bonke, bawela entanyeni kaPawuli, bamanga; Badabukile kakhulu ngamazwi awashoyo ukuthi abasayikubona ubuso bakhe. Basebemphelekezela baze bafika emkhunjini.

Funda IzEnzo 20

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo