IzEnzo 20:17-38

IzEnzo 20:17-38 ZUL59

EseMilethu wathumela e-Efesu, wabiza amalunga ebandla. Kwathi esefikile kuye, wathi kuwo: “Niyazi nina ukuthi kusukela osukwini lokuqala engafika ngalo e-Asiya nganginjani isikhathi sonke nginani, ngikhonza iNkosi ngakho konke ukuthobeka, nangezinyembezi, nangokulingwa okwangehlela ngamacebo abaJuda, nokuthi angigwemanga ukunitshela okusizayo nokunifundisa phambi kwabantu nakuzo izindlu ngezindlu, ngifakaza kubaJuda nakumaGreki ukuphendukela kuNkulunkulu nokukholwa yiNkosi yethu uJesu. “Kepha manje, bhekani, mina sengiya eJerusalema ngiboshiwe emoyeni, ngingakwazi okuzakungehlela khona, kuphela ukuba uMoya oNgcwele uyafakaza kimi imizi ngemizi ethi izibopho nezinhlupheko zingihlalele. Kepha ukuphila angikushayi into yalutho ukuba kube yigugu kimi, kuphela ukuba ngiphelelise ukuhamba kwami nenkonzo engayamukela eNkosini uJesu yokufakaza ngevangeli lomusa kaNkulunkulu. “Kalokhu bhekani, ngiyazi ukuthi anisayikubona ubuso bami nina nonke engahamba phakathi kwenu, ngishumayela umbuso. Ngakho-ke ngiyafakaza kini ngalolu suku lwanamuhla ngithi anginacala egazini labo bonke. Ngokuba angigwemanga ukunitshela lonke icebo likaNkulunkulu. Ziqapheleni nina nomhlambi wonke anibeke kuwo uMoya oNgcwele ukuba nibe ngababonisi bokwalusa ibandla likaNkulunkulu azizuzele lona ngegazi lakhe. Mina ngiyazi ukuthi emva kokumuka kwami kuzakungena kini izimpisi ezihahayo zingawuhawukeli umhlambi, naphakathi kwenu kuzakuvuka amadoda akhuluma okudukisayo, ahunge abafundi ukubalandela. Ngakho lindani, nikhumbule ukuthi ngeminyaka emithathu ubusuku nemini angiyekanga ukuniluleka nonke ngabanye ngezinyembezi. “Kalokhu sengiyanibeka eNkosini nasezwini lomusa wayo, yona enamandla okwakha nokwabela ifa phakathi kwabo bonke abangcwelisiweyo. Angifisanga siliva lamuntu, nagolide, nangubo; nina niyazi ukuthi lezi zandla zasebenzela izinswelo zami nezababe nami. Kukho konke ngangikhombisa ukuthi kumelwe ukuba nisize ababuthakathaka ngokusebenza okunje, nikhumbule futhi amazwi eNkosi uJesu ukuba yena wathi: ‘Kubusisekile ukupha kunokwamukela.’ ” Eseshilo lokho waguqa phansi kanye nabo bonke, wakhuleka. Bakhala kakhulu bonke, bamgona uPawulu ngentamo, bamanga, belusizi kakhulu ngezwi alishilo lokuthi abasayikubona ubuso bakhe. Base bemphelekezela, baya emkhunjini.

Funda IzEnzo 20

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo