IzEnzo 20:1-16

IzEnzo 20:1-16 CZB24

Kwathi sesiphelile isiyaluyalu, uPawulu wabizela kuye abafundi, wabagona, wamuka ukuya eMakedoniya. Wasedabula lezo zindawo, ebakhuthaza kakhulu, wafika eGrisi. Wahlala khona izinyanga ezintathu. Kwathi sebemlalele amaJuda esezasuka aye eSiriya ngomkhumbi, wazimisela ukubuya adabule eMakedoniya. Wamphelekezela kwaze kwaba se-Asiya uSopatro waseBereya; nabaseThesalonika, u-Aristarku noSekhundu; noGayu waseDerbe, noThimothewu; nabase-Asiya, oThikhiku noTrofimu. Laba basandulela, basilinda eTrowa. Sasuka ngomkhumbi eFilipi emva kwezinsuku zesinkwa esingenamvubelo, safika kubo eTrowa ngezinsuku eziyisihlanu; sahlala khona izinsuku eziyisikhombisa. Ngosuku lokuqala lweviki, sebebuthene ukuthi bahlephule isinkwa, uPawuli watshumayela kubo, elungele ukusuka ngakusasa; waqhuba inkulumo yakhe kwaze kwaba phakathi kobusuku. Kwakukhona izibani eziningi ekamelweni eliphezulu lapho babebuthene khona. Kwakuhlezi efasiteleni insizwa ethile igama layo lingu-Evitiku, yehlelwa ngubuthongo obunzima, uPawulu eshumayela isikhathi eside, yazumeka, yawa phansi isuka esitezi sesithathu, yathathwa isifile. UPawulu wehla, waziphonsa phezu kwayo, wayigona, wathi: “Ningazihluphi; ngokuba ukuphila kwakhe ukuye. Esebuyile futhi, wahlephula isinkwa, wadla, wakhuluma isikhathi eside kwaze kwasa, wamuka. Bayiletha insizwa iphila, baduduzeka kakhulu. Sandulela ukuya emkhunjini, samuka saya e-Asu, lapho besizakumkhwelisa khona uPawulu, ngokuba wayemise kanjalo, yena ethanda ukuhamba ngezinyawo. Esehlangene nathi e-Asu, samngenisa, safika eMithilene. Sasuka lapho ngomkhumbi, ngangomuso safika malungana neKiyo; ngangomuso safika eSamo, sahlala eTrogilo; ngangomuso safika eMilethu. Ngokuba uPawulu wayezimisele ukudlula e-Efesu ngomkhumbi, ukuze angalibali isikhathi e-Asiya

Funda IzEnzo 20

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo