IzEnzo 20:1-16

IzEnzo 20:1-16 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)

Kwathi sesiphelile isiyaluyalu, uPawulu wabizela kuye abafundi, wabagona, wamuka ukuya eMakedoniya. Wasedabula lezo zindawo, ebakhuthaza kakhulu, wafika eGrisi. Wahlala khona izinyanga ezintathu. Kwathi sebemlalele amaJuda esezasuka aye eSiriya ngomkhumbi, wazimisela ukubuya adabule eMakedoniya. Wamphelekezela kwaze kwaba se-Asiya uSopatro waseBereya; nabaseThesalonika, u-Aristarku noSekhundu; noGayu waseDerbe, noThimothewu; nabase-Asiya, oThikhiku noTrofimu. Laba basandulela, basilinda eTrowa. Sasuka ngomkhumbi eFilipi emva kwezinsuku zesinkwa esingenamvubelo, safika kubo eTrowa ngezinsuku eziyisihlanu; sahlala khona izinsuku eziyisikhombisa. Ngosuku lokuqala lweviki, sebebuthene ukuthi bahlephule isinkwa, uPawuli watshumayela kubo, elungele ukusuka ngakusasa; waqhuba inkulumo yakhe kwaze kwaba phakathi kobusuku. Kwakukhona izibani eziningi ekamelweni eliphezulu lapho babebuthene khona. Kwakuhlezi efasiteleni insizwa ethile igama layo lingu-Evitiku, yehlelwa ngubuthongo obunzima, uPawulu eshumayela isikhathi eside, yazumeka, yawa phansi isuka esitezi sesithathu, yathathwa isifile. UPawulu wehla, waziphonsa phezu kwayo, wayigona, wathi: “Ningazihluphi; ngokuba ukuphila kwakhe ukuye. Esebuyile futhi, wahlephula isinkwa, wadla, wakhuluma isikhathi eside kwaze kwasa, wamuka. Bayiletha insizwa iphila, baduduzeka kakhulu. Sandulela ukuya emkhunjini, samuka saya e-Asu, lapho besizakumkhwelisa khona uPawulu, ngokuba wayemise kanjalo, yena ethanda ukuhamba ngezinyawo. Esehlangene nathi e-Asu, samngenisa, safika eMithilene. Sasuka lapho ngomkhumbi, ngangomuso safika malungana neKiyo; ngangomuso safika eSamo, sahlala eTrogilo; ngangomuso safika eMilethu. Ngokuba uPawulu wayezimisele ukudlula e-Efesu ngomkhumbi, ukuze angalibali isikhathi e-Asiya

Dlulisela
Funda IzEnzo 20

IzEnzo 20:1-16 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)

IzEnzo 20:1-16 IsiZulu 2020 (ZUL20)

Kwathi sesiphelile isiphithiphithi, uPawula wabiza abafundi, wabakhuthaza, wayesevalelisa, wahamba waya eMakhedoniya. Wanqamula kulezo zindawo, ekhuthaza abafundi ngokuningi, waze wayofika ezweni lamaGriki. Wahlala khona izinyanga ezintathu. Kuthe eselungiselela ukuya eSiriya ngomkhumbi, abaJuda bakha uzungu lokumbulala, wayesecabanga ukuba abuyele emuva ngendlela edabula eMakhedoniya. Wayephelezelwa nguSophathru kaPhiru waseBhiriya, abaseThesalonikha: u-Aristarku, uSekhundu, uGayu waseDerbe, uThimothewu, nabase-Asiya uThikhiku noThrofimu. Laba ababehambe phambili sabafica sebesilinde eThrowa. Thina santweza ngomkhumbi sisuka eFiliphu, emva kwezinsuku zezinkwa ezingenamvubelo, saze safika kubo eThrowa ezinsukwini ezinhlanu, sahlala khona izinsuku eziyisikhombisa. Kwathi ngosuku lokuqala lweviki, sibuthanele ukuba sihlephule isinkwa, uPawula wayelokhu eshumayele lokho, kwaze kwaba phakathi kwamabili, ngoba wayehlose ukuhamba ngakusasa. Kwakukhona izibani eziningi endlini ephezulu lapho sasibuthene khona. Insizwa ethile, igama layo linguYuthikhusi, yayihleli efasiteleni, yazunywa ngubuthongo obunzima, ngokuba uPawula wayeshumayele isikhathi eside, seyehlulwe ngubuthongo, yawa isuka esitezi sesithathu, yathathwa isifile. Kepha uPawula wehla, walala phezu kwayo, wayisingatha, wathi: “Ningakhathazeki, ngokuba umphefumulo wayo usekhona kuyo.” Esenyukele phezulu, wahlephula isinkwa, wadla, ngokuba wakhuluma nabo isikhathi eside kwaze kwasa; wayesehamba. Base bemletha umfana ephilile, baduduzeka kakhulu. Kepha thina sahamba phambili, sayogibela isikebhe, salibhekisa e-Asu, lapho sasizomgibelisa khona uPawula, ngokuba wayehlele kanjalo, enqume yena ukuthi uzakuhamba ngezinyawo. Kuthe lapho ehlangana nathi e-Asu, samgibelisa, saya naye eMithilene. Sasuka lapho ngomkhumbi, ngakusasa safika maqondana neKhiyu, kwathi ngomhlomunye sanqamula saya eSamu; ngosuku olulandelayo safika eMilethu. Ngokuba uPawula wayenqumile ukudlula e-Efesu ngomkhumbi ukuze angachithi sikhathi e-Asiya. Phela wayephuthuma ukuze, uma kwenzeka, abe seJerusalema ngosuku lwePhentekhoste.

Dlulisela
Funda IzEnzo 20

IzEnzo 20:1-16 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)

Sesiphelile isiyaluyalu, uPawulu wababiza abafundi, wabavuselela, wavalelisa, wamuka waya eMakedoniya. Esedabulile lezo zindawo, ebavuselela ngamazwi amaningi, wafika ezweni lamaGreki, wahlala khona izinyanga ezintathu; abaJuda sebenzile icebo ngaye esezakumuka ngomkhumbi ukuya eSiriya, wazimisela ukubuyela emuva edabula iMakedoniya. Waphelekezelwa nguSophatru kaPhiru waseBereya, nabaseThesalonika o-Aristarku noSekhundu, noGayu waseDerbe, noThimothewu, nabase-Asiya oThikhiku noTrofimu. Laba basandulela, basilindela eTrowa. Kepha thina samuka ngomkhumbi eFilipi emva kwezinsuku zezinkwa ezingenamvubelo, safika kubo eTrowa ngezinsuku eziyisihlanu, sahlala khona izinsuku eziyisikhombisa. Kwathi ngosuku lokuqala lweviki, sesibuthene ukuba sihlephule isinkwa, uPawulu washumayela kubo ebezakumuka ngangomuso, welula amazwi akhe kwaze kwaba phakathi kobusuku. Kwakukhona izibani eziningi ekamelweni eliphezulu esasibuthene kulo. Kwakuhlezi efasiteleni insizwa ethile igama layo lingu-Evitiku, eyazunywa ngubuthongo obunzima, uPawulu eshumayela isikhathi eside; isiyahlulwe ngubuthongo, yawa phansi isuka esitezi sesithathu, yathathwa isifile. Kepha uPawulu wehla, wawa phezu kwayo, wayisingatha, wathi: “Ningaxokozeli, ngokuba umphefumulo wayo usekhona kuyo,” esenyukile wahlephula isinkwa, wadla, wakhuluma nabo isikhathi eside kwaze kwasa; wayesemuka-ke. Base bemletha umfana ephilile, baduduzeka kakhulu. Kepha thina sandulela ukuya emkhunjini, samuka saya e-Asu, lapho sasizakumkhwelisa khona uPawulu; ngokuba wayenqumile kanjalo, yena ebezakuhamba ngezinyawo. Kwathi esehlangene nathi e-Asu, samkhwelisa, safika eMithilene; sesimukile lapho ngomkhumbi, ngangomuso safika maqondana neKiyu; ngangomhlomunye sasondela eSamu; ngolulandelayo safika eMilethu. Ngokuba uPawulu wayezimisele ukudlula e-Efesu ngomkhumbi ukuze angalibali isikhathi e-Asiya; ngokuba wayekhawulezela ukuba, uma kungenzeka, abe khona eJerusalema ngosuku lwePhentekoste.

Dlulisela
Funda IzEnzo 20

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo