IzEnzo 2:37-47

IzEnzo 2:37-47 CZB24

Kwathi sebezwile lokho bahlabeka enhliziyweni, bathi kuPetro lakwabanye abaphostoli: Madoda, bazalwane, sizakwenzani? UPetru wayesethi kubo: “Phendukani, yilowo nalowo abhapathizwe egameni likaJesu Kristu kukho ukuthethelelwa kwezono, khona niyakwamukeliswa isiphiwo sikaMoya oNgcwele. Ngokuba isithembiso ngesenu, nesabantwana benu, nesabo bonke abakude, bonke iNkosi uNkulunkulu wethu eyakubabiza. Wafakaza nangamanye amazwi amaningi, wabayala wathi: “Zisindiseni kulesi sizukulwane esiphambeneyo. Khona abalamukele izwi lakhe ngokuthokoza babhapathizwa, kwenezelwa ngalona lolosuku abantu abangaba yizinkulungwane ezintathu. Babephikelela emfundisweni yabaphostoli, nasekuhlanganyeleni, nasekuhlephuleni isinkwa, nasemithandazweni. Ukwesaba kwehlela wonke umuntu; kwenzeka izimangaliso eziningi nezibonakaliso ngabaphostoli. Bonke abakholwayo babendawonye, bahlanganyela zonke izinto; bathengisa ngempahla yabo lempahla zabo, babela bonke njengokuswela kwawo wonke. Imihla ngemihla baqinisela nganhliziyonye ethempelini, bahlephula isinkwa endlini ngendlu, badla ukudla kwabo ngentokozo nangobumhlophe benhliziyo. Bemdumisa uNkulunkulu, bethandeka kubantu bonke. INkosi yenezela ebandleni imihla ngemihla abasindiswayo.

Funda IzEnzo 2

Verse Image for IzEnzo 2:37-47

IzEnzo 2:37-47 - Kwathi sebezwile lokho bahlabeka enhliziyweni, bathi kuPetro lakwabanye abaphostoli: Madoda, bazalwane, sizakwenzani?
UPetru wayesethi kubo: “Phendukani, yilowo nalowo abhapathizwe egameni likaJesu Kristu kukho ukuthethelelwa kwezono, khona niyakwamukeliswa isiphiwo sikaMoya oNgcwele.
Ngokuba isithembiso ngesenu, nesabantwana benu, nesabo bonke abakude, bonke iNkosi uNkulunkulu wethu eyakubabiza.
Wafakaza nangamanye amazwi amaningi, wabayala wathi: “Zisindiseni kulesi sizukulwane esiphambeneyo.
Khona abalamukele izwi lakhe ngokuthokoza babhapathizwa, kwenezelwa ngalona lolosuku abantu abangaba yizinkulungwane ezintathu.
Babephikelela emfundisweni yabaphostoli, nasekuhlanganyeleni, nasekuhlephuleni isinkwa, nasemithandazweni.
Ukwesaba kwehlela wonke umuntu; kwenzeka izimangaliso eziningi nezibonakaliso ngabaphostoli.
Bonke abakholwayo babendawonye, bahlanganyela zonke izinto;
bathengisa ngempahla yabo lempahla zabo, babela bonke njengokuswela kwawo wonke.
Imihla ngemihla baqinisela nganhliziyonye ethempelini, bahlephula isinkwa endlini ngendlu, badla ukudla kwabo ngentokozo nangobumhlophe benhliziyo.
Bemdumisa uNkulunkulu, bethandeka kubantu bonke. INkosi yenezela ebandleni imihla ngemihla abasindiswayo.

Uhlelo Lwamahhala Lokufunda nokuthandaza okuhlobene ne IzEnzo 2:37-47