IzEnzo 2:37-47

IzEnzo 2:37-47 ZUL59

Sebekuzwa bahlabeka enhliziyweni, bathi kuPetru nakwabanye abaphostoli: “Madoda, bazalwane, siyakwenze njani na?” UPetru wayesethi: “Phendukani, yilowo nalowo abhapathizwe egameni likaJesu Kristu kukho ukuthethelelwa kwezono zenu; khona niyakwamukeliswa isiphiwo sikaMoya oNgcwele. Ngokuba isithembiso ngesenu nesabantwana benu, esabo bonke abakude, bonke iNkosi uNkulunkulu wethu eyakubabiza.” Wafakaza nangamanye amazwi amaningi, wabayala wathi: “Zisindiseni kulesi sizukulwane esiphambeneyo.” Ngakho abalamukeleyo izwi lakhe babhapathizwa, kwenezelwa ngalowo muhla abantu kungathi izinkulungwane ezintathu. Baqinisela njalo esifundisweni sabaphostoli, nasekuhlanganeni, nasekuhlephuleni isinkwa, nasemikhulekweni. Kepha kwaba yilowo nalowo muntu wehlelwa ngukwesaba; kwenziwa ngabaphostoli izimangaliso nezibonakaliso eziningi. Bonke abakholwayo babe ndawonye, bahlanganyela izinto zonke; bathengisa ngemfuyo nangempahla, babela bonke ngayo njengokuswela kwabo. Imihla ngemihla baqinisela nganhliziyonye ethempelini, bahlephula isinkwa ekhaya, badla ukudla kwabo ngentokozo nangobumhlophe benhliziyo, bemdumisa uNkulunkulu, bethandeka kubantu bonke. INkosi yenezela ebandleni imihla ngemihla abasindiswayo.

Funda IzEnzo 2

Verse Image for IzEnzo 2:37-47

IzEnzo 2:37-47 - Sebekuzwa bahlabeka enhliziyweni, bathi kuPetru nakwabanye abaphostoli: “Madoda, bazalwane, siyakwenze njani na?”
UPetru wayesethi: “Phendukani, yilowo nalowo abhapathizwe egameni likaJesu Kristu kukho ukuthethelelwa kwezono zenu; khona niyakwamukeliswa isiphiwo sikaMoya oNgcwele. Ngokuba isithembiso ngesenu nesabantwana benu, esabo bonke abakude, bonke iNkosi uNkulunkulu wethu eyakubabiza.”
Wafakaza nangamanye amazwi amaningi, wabayala wathi: “Zisindiseni kulesi sizukulwane esiphambeneyo.” Ngakho abalamukeleyo izwi lakhe babhapathizwa, kwenezelwa ngalowo muhla abantu kungathi izinkulungwane ezintathu.

Baqinisela njalo esifundisweni sabaphostoli, nasekuhlanganeni, nasekuhlephuleni isinkwa, nasemikhulekweni. Kepha kwaba yilowo nalowo muntu wehlelwa ngukwesaba; kwenziwa ngabaphostoli izimangaliso nezibonakaliso eziningi. Bonke abakholwayo babe ndawonye, bahlanganyela izinto zonke; bathengisa ngemfuyo nangempahla, babela bonke ngayo njengokuswela kwabo. Imihla ngemihla baqinisela nganhliziyonye ethempelini, bahlephula isinkwa ekhaya, badla ukudla kwabo ngentokozo nangobumhlophe benhliziyo, bemdumisa uNkulunkulu, bethandeka kubantu bonke. INkosi yenezela ebandleni imihla ngemihla abasindiswayo.

Uhlelo Lwamahhala Lokufunda nokuthandaza okuhlobene ne IzEnzo 2:37-47