IzEnzo 2:22-47

IzEnzo 2:22-47 CZB24

Madoda akwa-Israyeli, yizwani lawa mazwi; UJesu waseNazaretha, indoda efakazelwe nguNkulunkulu phakathi kwenu ngemisebenzi yamandla, nangezimangaliso, nangezibonakaliso, uNkulunkulu azenza ngayo phakathi kwenu, njengokuba nazi nani ngokwenu; yena esenikelwe ngecebo elimisiweyo nangokwazi kukaNkulunkulu ngaphambili, namthatha, ngezandla zababi nambethela, nambulala; uNkulunkulu amvusayo, esethukululile iminjunju yokufa, ngoba kwakungenzeki ukuthi abanjwe yikho. Ngoba uDavida uthi ngaye: Ngayibona iNkosi phambi kwami njalo, ngoba ingakwesokunene sami, ukuze nginganyakaziswa; Ngakho inhliziyo yami yathokoza, lolimi lwami lwathokoza; futhi nenyama yami iyohlala ethembeni; Ngoba kawuyikutshiya umphefumulo wami esihogweni, njalo kawuyikunikela oNgcwele wakho ukuthi abone ukubola. Wangazisa izindlela zokuphila; uyakungigcwalisa ngokujabula ebusweni bakho. Madoda, bazalwane, ake ngikhulume kini ngokusobala ngokhokho uDavide ukuthi wafa wangcwatshwa, nethuna lakhe lisekhona kithi kuze kube namuhla. Ngakho-ke engumprofethi, ekwazi ukuthi uNkulunkulu wafunga kuye ngesifungo ukuthi esithelweni sokhalo lwakhe ngokwenyama uzavusa uKristu ukuthi ahlale esihlalweni sakhe sobukhosi; Ekubona ngaphambili wakhuluma ngokuvuka kukaKristu, ukuthi umphefumulo wakhe kawutshiywanga esihogweni, lenyama yakhe kayikubonanga ukubola. LoJesu uNkulunkulu wamvusa, esingofakazi bakho thina sonke. Ngakho-ke ephakanyiselwe ngakwesokunene sikaNkulunkulu, esamukele kuYise isithembiso sikaMoya oNgcwele, ukuchithile lokhu enikubonayo nenikuzwayo manje. Ngoba uDavida akenyukelanga emazulwini, kodwa yena uthi: INkosi yathi eNkosini yami: Hlala ngakwesokunene sami; ngize ngenze izitha zakho zibe yisenabelo senyawo zakho. Ngakho-ke yonke indlu ka-Israyeli mayazi isibili, ukuthi uNkulunkulu umenzile iNkosi noKristu yena lowo Jesu enambethela esiphambanweni. Kwathi sebezwile lokho bahlabeka enhliziyweni, bathi kuPetro lakwabanye abaphostoli: Madoda, bazalwane, sizakwenzani? UPetru wayesethi kubo: “Phendukani, yilowo nalowo abhapathizwe egameni likaJesu Kristu kukho ukuthethelelwa kwezono, khona niyakwamukeliswa isiphiwo sikaMoya oNgcwele. Ngokuba isithembiso ngesenu, nesabantwana benu, nesabo bonke abakude, bonke iNkosi uNkulunkulu wethu eyakubabiza. Wafakaza nangamanye amazwi amaningi, wabayala wathi: “Zisindiseni kulesi sizukulwane esiphambeneyo. Khona abalamukele izwi lakhe ngokuthokoza babhapathizwa, kwenezelwa ngalona lolosuku abantu abangaba yizinkulungwane ezintathu. Babephikelela emfundisweni yabaphostoli, nasekuhlanganyeleni, nasekuhlephuleni isinkwa, nasemithandazweni. Ukwesaba kwehlela wonke umuntu; kwenzeka izimangaliso eziningi nezibonakaliso ngabaphostoli. Bonke abakholwayo babendawonye, bahlanganyela zonke izinto; bathengisa ngempahla yabo lempahla zabo, babela bonke njengokuswela kwawo wonke. Imihla ngemihla baqinisela nganhliziyonye ethempelini, bahlephula isinkwa endlini ngendlu, badla ukudla kwabo ngentokozo nangobumhlophe benhliziyo. Bemdumisa uNkulunkulu, bethandeka kubantu bonke. INkosi yenezela ebandleni imihla ngemihla abasindiswayo.

Funda IzEnzo 2

Uhlelo Lwamahhala Lokufunda nokuthandaza okuhlobene ne IzEnzo 2:22-47