IzEnzo 2:22-47

IzEnzo 2:22-47 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)

Madoda akwa-Israyeli, yizwani lawa mazwi; UJesu waseNazaretha, indoda efakazelwe nguNkulunkulu phakathi kwenu ngemisebenzi yamandla, nangezimangaliso, nangezibonakaliso, uNkulunkulu azenza ngayo phakathi kwenu, njengokuba nazi nani ngokwenu; yena esenikelwe ngecebo elimisiweyo nangokwazi kukaNkulunkulu ngaphambili, namthatha, ngezandla zababi nambethela, nambulala; uNkulunkulu amvusayo, esethukululile iminjunju yokufa, ngoba kwakungenzeki ukuthi abanjwe yikho. Ngoba uDavida uthi ngaye: Ngayibona iNkosi phambi kwami njalo, ngoba ingakwesokunene sami, ukuze nginganyakaziswa; Ngakho inhliziyo yami yathokoza, lolimi lwami lwathokoza; futhi nenyama yami iyohlala ethembeni; Ngoba kawuyikutshiya umphefumulo wami esihogweni, njalo kawuyikunikela oNgcwele wakho ukuthi abone ukubola. Wangazisa izindlela zokuphila; uyakungigcwalisa ngokujabula ebusweni bakho. Madoda, bazalwane, ake ngikhulume kini ngokusobala ngokhokho uDavide ukuthi wafa wangcwatshwa, nethuna lakhe lisekhona kithi kuze kube namuhla. Ngakho-ke engumprofethi, ekwazi ukuthi uNkulunkulu wafunga kuye ngesifungo ukuthi esithelweni sokhalo lwakhe ngokwenyama uzavusa uKristu ukuthi ahlale esihlalweni sakhe sobukhosi; Ekubona ngaphambili wakhuluma ngokuvuka kukaKristu, ukuthi umphefumulo wakhe kawutshiywanga esihogweni, lenyama yakhe kayikubonanga ukubola. LoJesu uNkulunkulu wamvusa, esingofakazi bakho thina sonke. Ngakho-ke ephakanyiselwe ngakwesokunene sikaNkulunkulu, esamukele kuYise isithembiso sikaMoya oNgcwele, ukuchithile lokhu enikubonayo nenikuzwayo manje. Ngoba uDavida akenyukelanga emazulwini, kodwa yena uthi: INkosi yathi eNkosini yami: Hlala ngakwesokunene sami; ngize ngenze izitha zakho zibe yisenabelo senyawo zakho. Ngakho-ke yonke indlu ka-Israyeli mayazi isibili, ukuthi uNkulunkulu umenzile iNkosi noKristu yena lowo Jesu enambethela esiphambanweni. Kwathi sebezwile lokho bahlabeka enhliziyweni, bathi kuPetro lakwabanye abaphostoli: Madoda, bazalwane, sizakwenzani? UPetru wayesethi kubo: “Phendukani, yilowo nalowo abhapathizwe egameni likaJesu Kristu kukho ukuthethelelwa kwezono, khona niyakwamukeliswa isiphiwo sikaMoya oNgcwele. Ngokuba isithembiso ngesenu, nesabantwana benu, nesabo bonke abakude, bonke iNkosi uNkulunkulu wethu eyakubabiza. Wafakaza nangamanye amazwi amaningi, wabayala wathi: “Zisindiseni kulesi sizukulwane esiphambeneyo. Khona abalamukele izwi lakhe ngokuthokoza babhapathizwa, kwenezelwa ngalona lolosuku abantu abangaba yizinkulungwane ezintathu. Babephikelela emfundisweni yabaphostoli, nasekuhlanganyeleni, nasekuhlephuleni isinkwa, nasemithandazweni. Ukwesaba kwehlela wonke umuntu; kwenzeka izimangaliso eziningi nezibonakaliso ngabaphostoli. Bonke abakholwayo babendawonye, bahlanganyela zonke izinto; bathengisa ngempahla yabo lempahla zabo, babela bonke njengokuswela kwawo wonke. Imihla ngemihla baqinisela nganhliziyonye ethempelini, bahlephula isinkwa endlini ngendlu, badla ukudla kwabo ngentokozo nangobumhlophe benhliziyo. bemdumisa uNkulunkulu, bethandeka kubantu bonke. INkosi yenezela ebandleni imihla ngemihla abasindiswayo.

Dlulisela
Funda IzEnzo 2

IzEnzo 2:22-47 IsiZulu 2020 (ZUL20)

“Madoda akwa-Israyeli, lalelani lawa mazwi: uJesu waseNazaretha, indoda efakazelwe nguNkulunkulu phambi kwenu ngemisebenzi yamandla, ngezimangaliso nangezibonakaliso uNkulunkulu azenza ngaye phambi kwenu, njengalokhu nani luqobo nazi, Yena lowo esenikelwe ngesu elimisiwe phambilini nangokwazi kukaNkulunkulu, nambethela ngezandla zabangenamthetho, nambulala. Lowo uNkulunkulu wamvusa eseyiqede nya iminjunju yokufa, ngokuba kwakungeke kwenzeke ukuba abanjwe ngukufa. Ngokuba uDavide uthi ngaye: “ ‘Ngayibona iNkosi phambi kwami njalo, ngokuba ingakwesokunene sami, ukuze nginganyakaziswa. Ngalokho, inhliziyo yami iyajabula, nolimi lwami luyethaba; ngisho nenyama yami iyakuhlala ngokwethemba. Ngokuba awuyukuwushiya umphefumulo wami eHayidese, futhi awuyukuvuma oNgcwele wakho abone ukubola. Wangazisa izindlela zokuphila; uyakungigcwalisa ngokujabula ebusweni bakho.’ “Madoda, bazalwane, ake ngisho lokhu kini ngesibindi mayelana nokhokho uDavide, ukuthi wafa, wembelwa, nokuthi ithuna lakhe lisekhona nanamuhla. Ngakho-ke lokhu engumphrofethi, ekwazi ukuthi uNkulunkulu wafunga kuye ngesifungo ukuthi olibeni lokhalo lwakhe uyakubeka omunye esihlalweni sakhe sobukhosi. Ekubonile phambilini, wakhuluma ngokuvuka kukaKhristu ukuthi akashiywanga eHayidesi, nomzimba wakhe awukubonanga ukubola. Lo Jesu, uNkulunkulu wamvusa; thina sonke singofakazi balokho. Ngakho-ke waphakanyiselwa ngakwesokunene sikaNkulunkulu, esemukele kuYise isithembiso sikaMoya oNgcwele, ukuthululile lokhu enikubonayo nenikuzwayo.” Ngokuba uDavide akenyukelanga ezulwini, kodwa yena uthi: “INkosi yathi eNkosini yami: ‘Hlala ngakwesokunene sami, ngize ngibeke izitha zakho zibe yisenabelo sezinyawo zakho.’ ” “Ngakho-ke yonke indlu yakwa-Israyeli mayazi ngokweqiniso ukuthi nguNkulunkulu omenzile iNkosi noKhristu lo Jesu enambethela nina esiphambanweni.” Sebekuzwile lokho, bahlabeka enhliziyweni, bathi kuPhethro nakwabanye abaphostoli: “Madoda, bazalwane, sizokwenzenjani na?” UPhethro wayesethi: “Phendukani, kube yilowo nalowo ababhabhadiswe egameni likaJesu Khristu, kube ngukuthethelelwa kwezono zenu, khona niyakwemukeliswa isiphiwo sikaMoya oNgcwele. Ngokuba isithembiso singesenu nesabantwana benu, futhi singesabo bonke abakude, bonke iNkosi uNkulunkulu wethu eyakubabiza.” Wafakaza nangamanye amazwi amaningi, ebancenga ethi: “Zisindiseni kulesi sizukulwane esonakeleyo.” Ngakho-ke abalamukelayo izwi lakhe babhabhadiswa, kwanezelelwa ngalolo suku abantu okungathi bayizi-3 000. Bazinikela njalo esifundisweni sabaphostoli, ekuhlanganeni, ekuhlephuleni isinkwa, nasemikhulekweni. Kwaba yilowo nalowo muntu wehlelwa wukwesaba; abaphostoli benza izimangaliso nezibonakaliso eziningi. Bonke abakholwayo babendawonye, behlanganyela ezintweni zonke. Bathengisa ngomhlaba nangempahla, bababela bonke ngangokwezidingo zabo. Imihla ngemihla bazinikela nganhliziyonye ethempelini, ekuhlephuleni isinkwa emakhaya, badla ukudla kwabo ngentokozo nangenhliziyo emsulwa, bemdumisa uNkulunkulu, bethandeka kubantu bonke. INkosi yenezela ebandleni imihla ngemihla labo abasindiswayo.

Dlulisela
Funda IzEnzo 2

IzEnzo 2:22-47 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)

“Madoda akwa-Israyeli, zwanini lawa mazwi: UJesu waseNazaretha, indoda efakazelwe nguNkulunkulu phambi kwenu ngemisebenzi yamandla nangezimangaliso nangezibonakaliso uNkulunkulu azenza ngaye phakathi kwenu, njengalokhu nazi nina uqobo lwenu, yena lo, esenikelwe ngesu elimisiweyo nangokwaziphambili kukaNkulunkulu, nambethela ngezandla zabangenamthetho, nambulala; lowo uNkulunkulu wamvusa ethukulula iminjunju yokufa, lokhu kwakungenakwenzeka ukuba abanjwe yikho. Ngokuba uDavide uthi ngaye: “ ‘Ngayibona iNkosi phambi kwami njalo, ngokuba ingakwesokunene sami, ukuze nginganyakaziswa. Ngalokho inhliziyo yami iyajabula, nolimi lwami luyethaba; ngisho nenyama yami iyakuhlala ngokwethemba. Ngokuba awuyikushiya umphefumulo wami eHayidese,* futhi awuyikuvuma oNgcwele wakho abone ukubola. Wangazisa izindlela zokuphila; uyakungigcwalisa ngokujabula ebusweni bakho.’ “Madoda, bazalwane, ake ngikhulume kini ngokusobala ngokhokho uDavide ukuthi wafa, nokuthi wembelwa, nokuthi ithuna lakhe lisekhona kithi nanamuhla. Ngakho lokhu engumprofethi, ekwazi ukuthi uNkulunkulu wayefungile kuye ngesifungo ukuthi enzalweni yokhalo lwakhe uyakubeka omunye esihlalweni sakhe sobukhosi, ebona kuse phambili, wakhuluma ngokuvuka kukaKristu ukuthi akashiywanga eHayidese,* nenyama yakhe ayibonanga ukubola. UJesu lo uNkulunkulu wamvusa, esingofakazi bakho thina sonke; ngakho ephakanyiselwe ngakwesokunene sikaNkulunkulu, esamukele kuYise isithembiso sikaMoya oNgcwele, wakuthulula lokhu enikubonayo nenikuzwayo. Ngokuba uDavide akenyukelanga ezulwini, kepha yena uthi: ‘INkosi yathi eNkosini yami: “Hlala ngakwesokunene sami, ngize ngibeke izitha zakho zibe yisenabelo sezinyawo zakho.” ’ “Ngakho indlu yonke yakwa-Israyeli mayazi impela ukuthi uNkulunkulu umenzile iNkosi noKristu uJesu lo enambethela nina esiphambanweni.” Sebekuzwa bahlabeka enhliziyweni, bathi kuPetru nakwabanye abaphostoli: “Madoda, bazalwane, siyakwenze njani na?” UPetru wayesethi: “Phendukani, yilowo nalowo abhapathizwe egameni likaJesu Kristu kukho ukuthethelelwa kwezono zenu; khona niyakwamukeliswa isiphiwo sikaMoya oNgcwele. Ngokuba isithembiso ngesenu nesabantwana benu, esabo bonke abakude, bonke iNkosi uNkulunkulu wethu eyakubabiza.” Wafakaza nangamanye amazwi amaningi, wabayala wathi: “Zisindiseni kulesi sizukulwane esiphambeneyo.” Ngakho abalamukeleyo izwi lakhe babhapathizwa, kwenezelwa ngalowo muhla abantu kungathi izinkulungwane ezintathu. Baqinisela njalo esifundisweni sabaphostoli, nasekuhlanganeni, nasekuhlephuleni isinkwa, nasemikhulekweni. Kepha kwaba yilowo nalowo muntu wehlelwa ngukwesaba; kwenziwa ngabaphostoli izimangaliso nezibonakaliso eziningi. Bonke abakholwayo babe ndawonye, bahlanganyela izinto zonke; bathengisa ngemfuyo nangempahla, babela bonke ngayo njengokuswela kwabo. Imihla ngemihla baqinisela nganhliziyonye ethempelini, bahlephula isinkwa ekhaya, badla ukudla kwabo ngentokozo nangobumhlophe benhliziyo, bemdumisa uNkulunkulu, bethandeka kubantu bonke. INkosi yenezela ebandleni imihla ngemihla abasindiswayo.

Dlulisela
Funda IzEnzo 2

IzEnzo 2:22-47 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)

Madoda akwa-Israyeli, yizwani lawa mazwi; UJesu waseNazaretha, indoda efakazelwe nguNkulunkulu phakathi kwenu ngemisebenzi yamandla, nangezimangaliso, nangezibonakaliso, uNkulunkulu azenza ngayo phakathi kwenu, njengokuba nazi nani ngokwenu; yena esenikelwe ngecebo elimisiweyo nangokwazi kukaNkulunkulu ngaphambili, namthatha, ngezandla zababi nambethela, nambulala; uNkulunkulu amvusayo, esethukululile iminjunju yokufa, ngoba kwakungenzeki ukuthi abanjwe yikho. Ngoba uDavida uthi ngaye: Ngayibona iNkosi phambi kwami njalo, ngoba ingakwesokunene sami, ukuze nginganyakaziswa; Ngakho inhliziyo yami yathokoza, lolimi lwami lwathokoza; futhi nenyama yami iyohlala ethembeni; Ngoba kawuyikutshiya umphefumulo wami esihogweni, njalo kawuyikunikela oNgcwele wakho ukuthi abone ukubola. Wangazisa izindlela zokuphila; uyakungigcwalisa ngokujabula ebusweni bakho. Madoda, bazalwane, ake ngikhulume kini ngokusobala ngokhokho uDavide ukuthi wafa wangcwatshwa, nethuna lakhe lisekhona kithi kuze kube namuhla. Ngakho-ke engumprofethi, ekwazi ukuthi uNkulunkulu wafunga kuye ngesifungo ukuthi esithelweni sokhalo lwakhe ngokwenyama uzavusa uKristu ukuthi ahlale esihlalweni sakhe sobukhosi; Ekubona ngaphambili wakhuluma ngokuvuka kukaKristu, ukuthi umphefumulo wakhe kawutshiywanga esihogweni, lenyama yakhe kayikubonanga ukubola. LoJesu uNkulunkulu wamvusa, esingofakazi bakho thina sonke. Ngakho-ke ephakanyiselwe ngakwesokunene sikaNkulunkulu, esamukele kuYise isithembiso sikaMoya oNgcwele, ukuchithile lokhu enikubonayo nenikuzwayo manje. Ngoba uDavida akenyukelanga emazulwini, kodwa yena uthi: INkosi yathi eNkosini yami: Hlala ngakwesokunene sami; ngize ngenze izitha zakho zibe yisenabelo senyawo zakho. Ngakho-ke yonke indlu ka-Israyeli mayazi isibili, ukuthi uNkulunkulu umenzile iNkosi noKristu yena lowo Jesu enambethela esiphambanweni. Kwathi sebezwile lokho bahlabeka enhliziyweni, bathi kuPetro lakwabanye abaphostoli: Madoda, bazalwane, sizakwenzani? UPetru wayesethi kubo: “Phendukani, yilowo nalowo abhapathizwe egameni likaJesu Kristu kukho ukuthethelelwa kwezono, khona niyakwamukeliswa isiphiwo sikaMoya oNgcwele. Ngokuba isithembiso ngesenu, nesabantwana benu, nesabo bonke abakude, bonke iNkosi uNkulunkulu wethu eyakubabiza. Wafakaza nangamanye amazwi amaningi, wabayala wathi: “Zisindiseni kulesi sizukulwane esiphambeneyo. Khona abalamukele izwi lakhe ngokuthokoza babhapathizwa, kwenezelwa ngalona lolosuku abantu abangaba yizinkulungwane ezintathu. Babephikelela emfundisweni yabaphostoli, nasekuhlanganyeleni, nasekuhlephuleni isinkwa, nasemithandazweni. Ukwesaba kwehlela wonke umuntu; kwenzeka izimangaliso eziningi nezibonakaliso ngabaphostoli. Bonke abakholwayo babendawonye, bahlanganyela zonke izinto; bathengisa ngempahla yabo lempahla zabo, babela bonke njengokuswela kwawo wonke. Imihla ngemihla baqinisela nganhliziyonye ethempelini, bahlephula isinkwa endlini ngendlu, badla ukudla kwabo ngentokozo nangobumhlophe benhliziyo. Bemdumisa uNkulunkulu, bethandeka kubantu bonke. INkosi yenezela ebandleni imihla ngemihla abasindiswayo.

Dlulisela
Funda IzEnzo 2