IzEnzo 18:1-14

IzEnzo 18:1-14 CZB24

Emva kwalokho uPawulu wamuka e-Athene, wafika eKorinte; Wafumana umJuda othile ogama lakhe lingu-Akwila, owazalelwa ePhontu, esanda kufika evela e-Italiya, noPrisila umkakhe; (ngokuba uKlawudiyu wayeyalile ukuba bonke abaJuda bamuke eRoma) weza kubo. Njengokuba yena engowomsebenzi ofanayo, wahlala nabo esebenza, ngokuba umsebenzi wabo babengabathungi bamatende. Wayeseshumayela esinagogeni isabatha ngamasabatha, wazuza abaJuda namaGreki. Kwathi sebefikile oSila loThimothewu bevela eMakedoniya, uPawulu wacindezeleka emoyeni, wafakaza kubaJuda ukuthi uJesu unguKristu. Kwathi bemphikisa, behlambalaza, wathintitha izingubo zakhe, wathi kubo: “Igazi lenu malibe phezu kwamakhanda enu; Mina ngihlanzekile: kusukela manje ngizakuya kwabezizwe. Wasesuka lapho, wangena endlini yomuntu othiwa nguJustusi, okhonza uNkulunkulu, ondlu yakhe yayiseduze lesinagoge. UKrispu induna yesinagoge wakholwa yiNkosi kanye nendlu yakhe yonke; abaningi kwabaseKorinte bezwa bakholwa, babhapathizwa. INkosi yasisithi kuPawuli ebusuku ngombono: Ungesabi, kodwa khuluma, ungathuli; Ngokuba mina nginawe, akakho oyakukusukela ukuba akulimaze, ngokuba nginabantu abaningi kulo muzi. Wahlala khona unyaka nezinyanga eziyisithupha efundisa izwi likaNkulunkulu phakathi kwabo. Kwathi uGaliyu engumbusi we-Akhaya, abaJuda bamvukela uPawulu nganhliziyonye, bamyisa esihlalweni sokwahlulela. Besithi: Lo uncenga abantu ukuthi bakhonze uNkulunkulu ngokuphambene lomlayo. Kwathi uPawuli esezavula umlomo, uGaliyo wathi kumaJuda: Uba bekuyindaba embi kumbe ububi obubi, lina maJuda, ngabe ngizalibekezelela

Funda IzEnzo 18