Khona wafika eDerbe naseListra; bheka, kwakukhona lapho umfundi othile, uThimothewu igama lakhe, indodana yowesifazane ongumJuda okholiweyo; kepha uyise wayengumGreki. Owayefakazelwa kahle ngabazalwane baseListra nase-Ikoniyu. Yena uPawulu wathanda ukuba ahambe naye; wamthatha, wamsoka ngenxa yabaJuda ababekulezo zindawo, ngokuba bonke babazi ukuthi uyise ungumGreki. Kwathi bedabula imizi, babanika izimiso ezamiswa ngabaphostoli namalunga aseJerusalema ukuba bazigcine. Ngakho-ke amabandla aqiniswa ekukholweni, anda ngenani imihla ngemihla. Sebedabule izwe laseFrigiya nelaseGalathiya, benqatshelwe nguMoya oNgcwele ukulishumayela izwi e-Asiya; Sebefikile eMisiya balinga ukungena eBhithiniya, kodwa uMoya kabavumelanga. Sebedlula eMisiya behlela eTrowa. Kwabonakala umbono kuPawulu ebusuku; kwakumi indoda yaseMakedoniya, imncenga, ithi: Welela eMakedoniya, usisize. Esewubonile umbono, sahle sazama ukuya eMakedoniya, sesibonile impela ukuthi iNkosi isibizile ukuba sishumayele ivangeli kubo.
Funda IzEnzo 16
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: IzEnzo 16:1-10
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo