UPawula wahamba waze wafika eDerbe naseListra. Lapho kwakukhona umfundi othile, igama lakhe kunguThimothewu, indodana yowesifazane okholwayo wakwaJuda, kodwa uyise wayengumGriki, owayenconywa ngabazalwane baseListra nabase-Ikhoniyu. UPawula wathanda ukuba ahambe naye, wamthatha, wamsoka ngenxa yabaJuda ababekulezo zindawo, ngokuba bonke babazi ukuthi uyise ungumGriki. Lapho bedabula emizini, babedlulisela kubo izinqumo ezathathwa ngabaphostoli namalunga aseJerusalema, ukuba bazigcine. Ngakho-ke amabandla akhula ekukholweni, anda ngesibalo imihla ngemihla. Badabula eFrigiya naseGalathiya, kodwa uMoya oNgcwele wabanqabela ukukhuluma izwi e-Asiya. Sebefikile eMisiya, bazama ukuya eBhithiniya, kodwa uMoya kaJesu awubavumelanga. Badlula eMisiya, behlela eThrowa. UPawula wabona umbono ebusuku: indoda ethile yaseMakhedoniya yayimi imncenga, ithi: “Welela eMakhedoniya, usisize.” Kuthe esewubonile lowo mbono; wafuna ukuya ngokushesha eMakhedoniya, ngokuba sasikholwa ukuthi uNkulunkulu usibizile ukuba sishumayele ivangeli kubo.
Funda IZenzo 16
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: IZenzo 16:1-10
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo