IzEnzo 1:12-26

IzEnzo 1:12-26 CZB24

Base bebuyela eJerusalema bevela entabeni ethiwa Yeminqumo, esuka eJerusalema, ibanga lohambo lwesabatha. Sebengenile bakhuphukela ekamelweni eliphezulu, lapho kwakuhlala khona oPetru, noJakobe, noJohane, no-Andreya, noFiliphu, noTomase, noBartolomewu, noMathewu, noJakobe ka-Alfewu, noSimoni Zelote, uJuda umfowabo kaJakobe. Labo bonke baqinisela nganhliziyonye ekukhulekeni nasekunxuseni, kanye nabesifazane, noMariya unina kaJesu, nabafowabo. Ngalezo zinsuku uPetru wasukuma phakathi kwabafundi, (isibalo samagama ndawonye sasingaba yikhulu namashumi amabili). Madoda, bazalwane, kwakumele ukuba kugcwaliseke lombhalo uMoya oNgcwele owakhuluma ngaphambili ngomlomo kaDavida ngoJudasi owayengumkhokheli walabo abambamba uJesu. Ngokuba wayebalwa nathi, wazuza ingxenye yalo msebenzi. Lomuntu wathenga insimu ngomvuzo wokungalungi; wawa ngekhanda, wagqabuka phakathi, kwagobhoza amathumbu akhe onke. Kwakwaziwa yibo bonke abakhileyo eJerusalema; kuze kuthi leyo nsimu ngolimi lwabo ngokuthi i-Akeldama, okungukuthi iNsimu yegazi. Ngokuba kulotshiwe encwadini yamaHubo ukuthi: “Umuzi wakhe mawube yincithakalo, kungahlali muntu kuwo; Ngakho-ke kulawo madoda abehamba nathi isikhathi sonke lapho iNkosi uJesu ingena iphuma phakathi kwethu, kusukela ekubhapathizweni kukaJohane kuze kube lusuku akhushulwa ngalo kithina, kufanele ukuthi kube khona omunye abe ngufakazi kanye nathi wokuvuka kwakhe. Base bemisa ababili, uJosefa othiwa uBarsaba, othiwa futhi nguJustusi, noMathiya. Basebekhuleka bathi: Wena Nkosi, owazi izinhliziyo zabantu bonke, tshengisa ukuthi kulaba ababili omkhethileyo. Ukuze athathe ingxenye yalenkonzo lobupostoli, uJudasi aphambuka kukho, ukuze aye endaweni yakhe. Basebebenzela inkatho; inkatho yadla uMathiyasi; wabalwa kanye nabaphostoli abayishumi nanye.

Funda IzEnzo 1

Uhlelo Lwamahhala Lokufunda nokuthandaza okuhlobene ne IzEnzo 1:12-26

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo