IZenzo 1:12-26

IZenzo 1:12-26 ZUL20

Base bebuyela eJerusalema, besuka entabeni okuthiwa eyeMinqumo eseduze neJerusalema, eyibanga lohambo lwesabatha. Kuthe sebengenile, benyukela ekamelweni eliphezulu, lapho babehleli khona: uPhethro, uJohane, uJakobe, u-Andreya, uFiliphu, uThomase, uBhartholomewu, uMathewu, uJakobe ka-Alfewu, uSimoni umZelothe, noJuda kaJakobe. Bonke laba baqinisela ekukhulekeni benhliziyonye bekanye nabesifazane, noMariya unina kaJesu, nabafowabo. Kwathi ngaleyo mihla, uPhethro wasukuma phakathi kwabazalwane, isixuku sabantu esasibuthene lapho kwakungathi yi-120, wathi: “Madoda, bazalwane, kwakumele ukuba ugcwaliseke umbhalo, uMoya oNgcwele awukhuluma phambilini ngomlomo kaDavide ngoJuda owayengumholi walabo ababamba uJesu, ngokuba wayebalwe kanye nathi, futhi enesabelo kule nkonzo.” Ngakho-ke lowo wazuza insimu ngomvuzo wokungalungi, wawa ngekhanda, waphahlazeka, kwachitheka nezibilini zakhe zaphumela ngaphandle. Lokho kwaziwa yibo bonke abakhe eJerusalema, yaze leyo nsimu yaqanjwa igama ngolimi lwakubo, kwathiwa i-Akheldama, okusho ukuthi iNsimu Yegazi. Ngokuba kulotshiwe encwadini yaMahubo ukuthi: “Umuzi wakhe mawube yihlane, kungahlali muntu kuwo,” nokuthi: “Isikhundla sakhe masithathwe ngomunye.” “Ngakho-ke kubalulekile ukuba kula madoda ayehamba nathi isikhathi sonke, lapho iNkosi uJesu ingena iphuma phakathi kwethu, kusukela embhabhadisweni kaJohane kuze kube wusuku akhushulwa ngalo kithi, enye yawo ibe ngufakazi kanye nathi, wokuvuka kwakhe.” Base baphakamisa ababili, uJosefa okuthiwa nguBharisabha, owayebizwa futhi ngokuthi nguJustu kanye noMathiyase. Base bekhuleka bethi: “Wena Nkosi, wazi izinhliziyo zabantu bonke, sikhombise ukuthi ngubani omkhethileyo kulaba ababili, ukuba athathe indawo kulo msebenzi nobuphostoli obulaxazwe nguJuda, waya endaweni yakhe.” Base bebenzela unkatho, lwadla uMathiyase; wayesebalwa kanye nabaphostoli abali-11.

Funda IZenzo 1

Uhlelo Lwamahhala Lokufunda nokuthandaza okuhlobene ne IZenzo 1:12-26

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo