2 kuThimothewu 3:10-17

2 kuThimothewu 3:10-17 CZB24

Kodwa wena usuyazile ngokugcwele imfundiso yami, indlela yokuphila, inhloso, ukholo, ukubekezela, uthando, ukubekezela, Ukushushiswa, nezinhlupheko, eza kimi e-Antiyokiya, e-Ikoniyu, eListra; ukuzingelwa okungaka ngakubekezelela, kepha iNkosi yangikhulula kukho konke. Yebo, bonke abathanda ukuphila ngokumesaba uNkulunkulu kuKristu Jesu bayakuzingelwa. Kepha abantu ababi nabakhohlisi bazakuqhubekela phambili ebubini, bedukisa, bedukiswa. Kepha wena hlala ezintweni ozifundileyo waqiniselwa kuzo, wazi ukuthi wazifunda kubani; lokuthi kusukela ebuntwaneni wazi imibhalo engcwele, elamandla okukuhlakaniphisa, kube yinsindiso ngokukholwa kuKristu Jesu. Yonke imibhalo iphefumulelwe nguNkulunkulu, ilungele ukufundisa, nokusola, nokuqondisa, nokuyala ekulungeni; ukuze umuntu kaNkulunkulu aphelele, apheleliselwe yonke imisebenzi emihle.