2 KuThimothewu 3:10-17

2 KuThimothewu 3:10-17 ZUL20

Kodwa wena walandela ngokucophelela imfundiso yami, ukuziphatha, umgomo, ukukholwa, ukubekezela, uthando, ukuhlupheka, ukuhlushwa nezinhlupheko ezangehlela e-Antiyokhiya, e-Ikhoniyu naseListra. Izinhlupheko engazihluphekayo, ngazibekezelela, iNkosi yangikhulula kukho konke. Yebo, bonke abathanda ukuphila ngokumesaba uNkulunkulu bekuKhristu uJesu, bayakuzingelwa. Kepha abantu ababi nabakhohlisi bazakudlebeleka ebubini, badukise, njengokuba bedukisiwe. Kodwa wena bambelela kulokho okufundile nowakukholwa, wazi ukuthi ukufunde kobani, nokuthi kwasebuntwaneni wayazi imibhalo engcwele, enamandla okuhlakaniphisa, kube yinsindiso ngokukholwa kuKhristu uJesu. Yonke imibhalo iphefumulelwe nguNkulunkulu, ilungele ukufundisa, ukusola, ukuqondisa, nokuyala ekulungeni, ukuze umuntu kaNkulunkulu aphelele, ahlonyiselwe yonke imisebenzi emihle.