Ngokuba uNkulunkulu akasinikanga umoya wokwesaba; kodwa ngamandla, lothando, lengqondo ephilileyo. Ngakho ungabi namahloni ngobufakazi beNkosi yethu, nangami isiboshwa sayo, kodwa hlanganyela osizini lwevangeli ngokwamandla kaNkulunkulu; Owasisindisayo, wasibiza ngobizo olungcwele, kungeyisikho ngokwemisebenzi yethu, kodwa njengokwenhloso yakhe lomusa esiwuphiwa kuKristu Jesu ngaphambi kwezikhathi. Kodwa khathesi sibonakalisiwe ngokubonakala koMsindisi wethu uJesu Kristu, osechithile ukufa, waseveza ekukhanyeni ukuphila lokungabhubhi ngevangeli
Funda 2 kuThimothewu 1
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: 2 kuThimothewu 1:7-10
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo