2 KuThimothewu 1:7-10

2 KuThimothewu 1:7-10 ZUL20

Ngokuba uNkulunkulu akasiphanga umoya wobugwala, kodwa owamandla, owothando, nowokuzithiba. Ngakho-ke ungabi namahloni ngobufakazi ngeNkosi yethu, nangami engiyisiboshwa sayo, futhi hlanganyela nami ekulihluphekeleni ivangeli ngamandla kaNkulunkulu. Lowo owasisindisa, wasibiza ngobizo olungcwele; hhayi ngokwemisebenzi yethu, kodwa ngokwenhloso yakhe, nomusa esawuphiwa kuKhristu uJesu zingakabi bikho izikhathi; kepha manje osubonakalisiwe ngokufika koMsindisi wethu uKhristu uJesu, owachitha ukufa, waletha ekukhanyeni ukuphila nokungabhubhi ngevangeli.