2 kaPetru 1:16-21

2 kaPetru 1:16-21 CZB24

Ngokuba asilandelanga izinganekwane zobuqili, lapho sinazisa amandla nokufika kweNkosi yethu uJesu Kristu, kodwa sasingababonayo amandla obukhosi bakhe. Ngokuba wemukela kuNkulunkulu uBaba udumo nenkazimulo, lapho kufika kuye izwi elinjena, livela enkazimulweni yobukhosi, lithi: Lo uyiNdodana yami ethandekayo engithokozile ngayo. Leli zwi salizwa livela ezulwini sinaye entabeni engcwele. Silalo futhi ilizwi lesiprofetho eliqiniseke kakhulu; enikwenza kahle ngokukuqaphela njengokukhanya okukhanya endaweni emnyama, kuze kuse, nekhwezi liphume ezinhliziyweni zenu; nikwazi lokhu kuqala, ukuthi asikho isiprofetho sombhalo esivela kunoma iyiphi incazelo yomuntu ngokwakhe. Ngokuba isiprofetho asifikanga endulo ngentando yomuntu, kepha abantu abangcwele bakaNkulunkulu bakhuluma beqhutshwa nguMoya oNgcwele.