2 kaPetru 1:16-21
2 kaPetru 1:16-21 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Ngokuba sasingalandeli izinganekwane zobuqili, lapho sanazisa amandla nokufika kweNkosi yethu uJesu Kristu, kodwa sasingababonayo amandla obukhosi bakhe. Ngokuba wamukela kuNkulunkulu uYise udumo nenkazimulo, lapho kwafika kuye izwi elinje, livela enkazimulweni yobukhosi, lithi: “Lo uyiNdodana yami ethandekayo engithokozile ngayo” – lelo zwi salizwa thina livela ezulwini, sikanye naye entabeni engcwele. Sesinalo izwi lesiprofetho eliqinisekile kakhulu, enenza kahle ukuliqaphela kungathi liyisibani esikhanyayo endaweni emnyama kuze kuse, ikhwezi liphumele ezinhliziyweni zenu, nazi lokhu kuqala ukuthi kasikho isiprofetho sombhalo esingachasiselwa ngumuntu ngokwakhe; ngokuba akuzange kuvezwe isiprofetho ngentando yomuntu, kepha abantu beqhutshwa nguMoya oNgcwele bakhuluma okukaNkulunkulu.
2 kaPetru 1:16-21 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
Ngokuba asilandelanga izinganekwane zobuqili, lapho sinazisa amandla nokufika kweNkosi yethu uJesu Kristu, kodwa sasingababonayo amandla obukhosi bakhe. Ngokuba wemukela kuNkulunkulu uBaba udumo nenkazimulo, lapho kufika kuye izwi elinjena, livela enkazimulweni yobukhosi, lithi: Lo uyiNdodana yami ethandekayo engithokozile ngayo. Leli zwi salizwa livela ezulwini sinaye entabeni engcwele. Silalo futhi ilizwi lesiprofetho eliqiniseke kakhulu; enikwenza kahle ngokukuqaphela njengokukhanya okukhanya endaweni emnyama, kuze kuse, nekhwezi liphume ezinhliziyweni zenu; nikwazi lokhu kuqala, ukuthi asikho isiprofetho sombhalo esivela kunoma iyiphi incazelo yomuntu ngokwakhe. Ngokuba isiprofetho asifikanga endulo ngentando yomuntu, kepha abantu abangcwele bakaNkulunkulu bakhuluma beqhutshwa nguMoya oNgcwele.
2 kaPetru 1:16-21 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)

2 kaPetru 1:16-21 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Ngokuba sasingalandeli izinganekwane zobuqili, ngesikhathi sinazisa ngamandla nokufika kweNkosi yethu uJesu Khristu, kodwa sasingofakazi abazibonele ngawabo ubukhosi bakhe. Ngokuba wemukela kuNkulunkulu uYise udumo nenkazimulo, lapho kufika kuye izwi elinje, livela enkazimulweni emangalisayo, lithi: “Lo uyiNdodana yami ethandekayo, engithokozile ngayo.” Impela, leli lizwi salizwa livela ezulwini, sikanye naye entabeni engcwele. Ngakho-ke sinalo izwi lesiphrofetho eliqiniswe kakhulu, eniyokwenza kahle ukuba niliqaphelisise, njengesibani esikhanya ebumnyameni kuze kuntwele ezansi, bese ikhwezi lokusa likhanyisa ezinhliyweni zenu. Yazini lokhu kuqala, ukuthi asikho isiphrofetho sombhalo esingacaciswa ngumuntu ngokwakhe ukuqonda. Ngokuba akukho siphrofetho noma nini esake seza ngentando yomuntu, kodwa abantu beqhutshwa nguMoya oNgcwele bakhuluma okukaNkulunkulu.