Ngakho-ke angiyikuyekela ukunikhumbuza njalo ngalezi zinto, nakuba nizazi, niqiniswa eqinisweni elikhona. Yebo, ngibona kufanele ukuthi, nxa ngisekuleli dokodo, nginivuse ngokunikhumbuza; ngazi ukuthi masinyane ngimele ukulisusa leli dokodo lami, njengalokho iNkosi yethu uJesu Kristu yangibonisa. Ngaphezu kwalokho ngizakukhuthalela ukuba nibe-namandla njalo emva kokumuka kwami lezo zinto zikhunjulwe. Ngokuba asilandelanga izinganekwane zobuqili, lapho sinazisa amandla nokufika kweNkosi yethu uJesu Kristu, kodwa sasingababonayo amandla obukhosi bakhe. Ngokuba wemukela kuNkulunkulu uBaba udumo nenkazimulo, lapho kufika kuye izwi elinjena, livela enkazimulweni yobukhosi, lithi: Lo uyiNdodana yami ethandekayo engithokozile ngayo. Leli zwi salizwa livela ezulwini sinaye entabeni engcwele. Silalo futhi ilizwi lesiprofetho eliqiniseke kakhulu; enikwenza kahle ngokukuqaphela njengokukhanya okukhanya endaweni emnyama, kuze kuse, nekhwezi liphume ezinhliziyweni zenu
Funda 2 kaPetru 1
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: 2 kaPetru 1:12-19
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo