Ngakho-ke ngihlose ukuba nginikhumbuze njalo ngalezo zinto, nakuba nivele nizazi, futhi nimile naqina eqinisweni elikhona. Ngibona kufanele, inqobo nje uma ngisaphila kuleli dokodo, ukuba nginivuselele ngokunikhumbuza, nakuba ngazi kahle ukuthi akusensuku zatshwala ngilishiye leli dokodo, njengalokhu neNkosi uJesu Khristu yangitshela ngokusobala. Kepha ngizozama ngakho konke okusemandleni ukuba nisale nizikhumbula njalo lezo zinto noma ngingasekho mina. Ngokuba sasingalandeli izinganekwane zobuqili, ngesikhathi sinazisa ngamandla nokufika kweNkosi yethu uJesu Khristu, kodwa sasingofakazi abazibonele ngawabo ubukhosi bakhe. Ngokuba wemukela kuNkulunkulu uYise udumo nenkazimulo, lapho kufika kuye izwi elinje, livela enkazimulweni emangalisayo, lithi: “Lo uyiNdodana yami ethandekayo, engithokozile ngayo.” Impela, leli lizwi salizwa livela ezulwini, sikanye naye entabeni engcwele. Ngakho-ke sinalo izwi lesiphrofetho eliqiniswe kakhulu, eniyokwenza kahle ukuba niliqaphelisise, njengesibani esikhanya ebumnyameni kuze kuntwele ezansi, bese ikhwezi lokusa likhanyisa ezinhliyweni zenu.
Funda 2 KaPhethro 1
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: 2 KaPhethro 1:12-19
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo