2 kaPetru 1:1-21

2 kaPetru 1:1-21 CZB24

USimoni Petru, inceku nomphostoli kaJesu Kristu, kubo abazuze ukholo oluligugu olufana nolwethu ngokulunga kukaNkulunkulu noMsindisi wethu uJesu Kristu: Makwandiswe kini umusa nokuthula ngokwazi uNkulunkulu noJesu iNkosi yethu; njengalokhu amandla akhe obuNkulunkulu esinikile konke okuqondene nokuphila nokumesaba uNkulunkulu ngokumazi yena owasibizela enkazimulweni nasebuhleni. Ngakho siphiwe izithembiso ezinkulu kakhulu leziligugu, ukuze ngalezo libe ngabahlanganyeli bemvelo yobuNkulunkulu, libalekele ukonakala okusemhlabeni ngenkanuko. Ngakho-ke yenzani inkuthalo yonke, nezeleni ubuhle ekukholweni kwenu; nasebuhleni ukwazi; nasolwazini ukuzithiba; nasekuzithibeni ukubekezela; nasekubekezeleni ukumesaba uNkulunkulu; Ekumesabeni uNkulunkulu ububele bobuzalwane; nasethandweni lobuzalwane uthando. Ngokuba uma lezizinto zikhona kini, zivama, zinenza ukuba ningabi-inyumba nabangatheli ekwazini iNkosi yethu uJesu Kristu. Kodwa ongelazo lezizinto uyisiphofu, kaboni ekhatshana, njalo ukhohliwe ukuthi wahlanjululwa ezonweni zakhe zakudala. Ngakho-ke, bazalwane, khuthalelani kakhulu ukwenza kuqiniseke ukubizwa nokukhethwa kwenu; Ngoba ngokunjalo lizaphiwa ngokwengezelelwa ukungena embusweni waphakade weNkosi yethu loMsindisi uJesu Kristu. Ngakho-ke angiyikuyekela ukunikhumbuza njalo ngalezi zinto, nakuba nizazi, niqiniswa eqinisweni elikhona. Yebo, ngibona kufanele ukuthi, nxa ngisekuleli dokodo, nginivuse ngokunikhumbuza; ngazi ukuthi masinyane ngimele ukulisusa leli dokodo lami, njengalokho iNkosi yethu uJesu Kristu yangibonisa. Ngaphezu kwalokho ngizakukhuthalela ukuba nibe-namandla njalo emva kokumuka kwami lezo zinto zikhunjulwe. Ngokuba asilandelanga izinganekwane zobuqili, lapho sinazisa amandla nokufika kweNkosi yethu uJesu Kristu, kodwa sasingababonayo amandla obukhosi bakhe. Ngokuba wemukela kuNkulunkulu uBaba udumo nenkazimulo, lapho kufika kuye izwi elinjena, livela enkazimulweni yobukhosi, lithi: Lo uyiNdodana yami ethandekayo engithokozile ngayo. Leli zwi salizwa livela ezulwini sinaye entabeni engcwele. Silalo futhi ilizwi lesiprofetho eliqiniseke kakhulu; enikwenza kahle ngokukuqaphela njengokukhanya okukhanya endaweni emnyama, kuze kuse, nekhwezi liphume ezinhliziyweni zenu; nikwazi lokhu kuqala, ukuthi asikho isiprofetho sombhalo esivela kunoma iyiphi incazelo yomuntu ngokwakhe. Ngokuba isiprofetho asifikanga endulo ngentando yomuntu, kepha abantu abangcwele bakaNkulunkulu bakhuluma beqhutshwa nguMoya oNgcwele.

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo