2 kaPetru 1:1-21

2 kaPetru 1:1-21 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)

USimoni Petru, inceku nomphostoli kaJesu Kristu, kubo abazuze ukholo oluligugu olufana nolwethu ngokulunga kukaNkulunkulu noMsindisi wethu uJesu Kristu: Makwandiswe kini umusa nokuthula ngokwazi uNkulunkulu noJesu iNkosi yethu; njengalokhu amandla akhe obuNkulunkulu esinikile konke okuqondene nokuphila nokumesaba uNkulunkulu ngokumazi yena owasibizela enkazimulweni nasebuhleni. Ngakho siphiwe izithembiso ezinkulu kakhulu leziligugu, ukuze ngalezo libe ngabahlanganyeli bemvelo yobuNkulunkulu, libalekele ukonakala okusemhlabeni ngenkanuko. Ngakho-ke yenzani inkuthalo yonke, nezeleni ubuhle ekukholweni kwenu; nasebuhleni ukwazi; nasolwazini ukuzithiba; nasekuzithibeni ukubekezela; nasekubekezeleni ukumesaba uNkulunkulu; Ekumesabeni uNkulunkulu ububele bobuzalwane; nasethandweni lobuzalwane uthando. Ngokuba uma lezizinto zikhona kini, zivama, zinenza ukuba ningabi-inyumba nabangatheli ekwazini iNkosi yethu uJesu Kristu. Kodwa ongelazo lezizinto uyisiphofu, kaboni ekhatshana, njalo ukhohliwe ukuthi wahlanjululwa ezonweni zakhe zakudala. Ngakho-ke, bazalwane, khuthalelani kakhulu ukwenza kuqiniseke ukubizwa nokukhethwa kwenu; Ngoba ngokunjalo lizaphiwa ngokwengezelelwa ukungena embusweni waphakade weNkosi yethu loMsindisi uJesu Kristu. Ngakho-ke angiyikuyekela ukunikhumbuza njalo ngalezi zinto, nakuba nizazi, niqiniswa eqinisweni elikhona. Yebo, ngibona kufanele ukuthi, nxa ngisekuleli dokodo, nginivuse ngokunikhumbuza; ngazi ukuthi masinyane ngimele ukulisusa leli dokodo lami, njengalokho iNkosi yethu uJesu Kristu yangibonisa. Ngaphezu kwalokho ngizakukhuthalela ukuba nibe-namandla njalo emva kokumuka kwami lezo zinto zikhunjulwe. Ngokuba asilandelanga izinganekwane zobuqili, lapho sinazisa amandla nokufika kweNkosi yethu uJesu Kristu, kodwa sasingababonayo amandla obukhosi bakhe. Ngokuba wemukela kuNkulunkulu uBaba udumo nenkazimulo, lapho kufika kuye izwi elinjena, livela enkazimulweni yobukhosi, lithi: Lo uyiNdodana yami ethandekayo engithokozile ngayo. Leli zwi salizwa livela ezulwini sinaye entabeni engcwele. Silalo futhi ilizwi lesiprofetho eliqiniseke kakhulu; enikwenza kahle ngokukuqaphela njengokukhanya okukhanya endaweni emnyama, kuze kuse, nekhwezi liphume ezinhliziyweni zenu; nikwazi lokhu kuqala, ukuthi asikho isiprofetho sombhalo esivela kunoma iyiphi incazelo yomuntu ngokwakhe. Ngokuba isiprofetho asifikanga endulo ngentando yomuntu, kepha abantu abangcwele bakaNkulunkulu bakhuluma beqhutshwa nguMoya oNgcwele.

2 kaPetru 1:1-21 IsiZulu 2020 (ZUL20)

USimoni Phethro, inceku nomphostoli kaJesu Khristu, kulabo abemukele ukukholwa okuyigugu kanye nathi, ngokulunga kukaNkulunkulu wethu noMsindisi uJesu Khristu: sengathi umusa nokuthula kungandiswa kini ngokumazi uNkulunkulu noJesu iNkosi yethu. Njengokuba sinikiwe zonke izinto eziqondene nokuphila nokumesaba uNkulunkulu, ngamandla akhe obuNkulunkulu, ngokumazi Yena owasibiza ngenkazimulo nobuhle bakhe, aniphe ngakho izithembiso eziyigugu nezinkulukazi, ukuze ngazo nibe ngabahlanganyeli besimo sobuNkulunkulu, nibalekele ukubhubha ngezinkanuko okusezweni. Ngaleso sizathu-ke, khuthalelani ukwengeza ubuhle ekukholweni, nasebuhleni ukwazi, nasekwazini ukuzithiba, nasekuzithibeni ukukhuthazela, nasekukhuthazeleni ubunkulunkulu, ebunkulunkulwini ukuthanda abazalwane, nasekuthandeni abazalwane uthando. Ngokuba uma lezo zinto zikhona kini futhi zivamile, ziyakunenza ningabi ngabavilaphayo nabangenazithelo ekwazini iNkosi yethu uJesu Khristu. Ngokuba ongenazo lezo zinto uyimpumputhe, ebona kalufifi, esikhohliwe ukuhlanjululwa ezonweni zayo zakudala. Ngakho-ke bazalwane, khuthalani kakhulu ukuze nikhombise ukubizwa nokukhethwa kwenu. Phela uma nikwenza lokho, anisoze nakhubeka nakanye. Ngokuba ngokwenza kanjalo, niyakuphiwa ilungelo elipheleleyo lokungena embusweni waphakade weNkosi yethu noMsindisi uJesu Khristu. Ngakho-ke ngihlose ukuba nginikhumbuze njalo ngalezo zinto, nakuba nivele nizazi, futhi nimile naqina eqinisweni elikhona. Ngibona kufanele, inqobo nje uma ngisaphila kuleli dokodo, ukuba nginivuselele ngokunikhumbuza, nakuba ngazi kahle ukuthi akusensuku zatshwala ngilishiye leli dokodo, njengalokhu neNkosi uJesu Khristu yangitshela ngokusobala. Kepha ngizozama ngakho konke okusemandleni ukuba nisale nizikhumbula njalo lezo zinto noma ngingasekho mina. Ngokuba sasingalandeli izinganekwane zobuqili, ngesikhathi sinazisa ngamandla nokufika kweNkosi yethu uJesu Khristu, kodwa sasingofakazi abazibonele ngawabo ubukhosi bakhe. Ngokuba wemukela kuNkulunkulu uYise udumo nenkazimulo, lapho kufika kuye izwi elinje, livela enkazimulweni emangalisayo, lithi: “Lo uyiNdodana yami ethandekayo, engithokozile ngayo.” Impela, leli lizwi salizwa livela ezulwini, sikanye naye entabeni engcwele. Ngakho-ke sinalo izwi lesiphrofetho eliqiniswe kakhulu, eniyokwenza kahle ukuba niliqaphelisise, njengesibani esikhanya ebumnyameni kuze kuntwele ezansi, bese ikhwezi lokusa likhanyisa ezinhliyweni zenu. Yazini lokhu kuqala, ukuthi asikho isiphrofetho sombhalo esingacaciswa ngumuntu ngokwakhe ukuqonda. Ngokuba akukho siphrofetho noma nini esake seza ngentando yomuntu, kodwa abantu beqhutshwa nguMoya oNgcwele bakhuluma okukaNkulunkulu.

2 kaPetru 1:1-21 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)

USimeyoni Petru, inceku nomphostoli kaJesu Kristu, kubo abazuzile ukukholwa okuyigugu ngokufana nokwethu ngokulunga kukaNkulunkulu wethu noMsindisi uJesu Kristu: Makwandiswe kini umusa nokuthula ngokumazi uNkulunkulu noJesu iNkosi yethu. Njengokuba amandla akhe obuNkulunkulu esinikile konke okuqondene nokuphila nokumesaba uNkulunkulu ngokumazi yena owasibiza ngenkazimulo nobuhle bakhe, esiphiwe ngakho izithembiso eziyigugu nezikhulukazi, ukuze ngazo nibe ngabahlanganyeli nesimo sobuNkulunkulu, nibalekele ukubhubha okusezweni ngezinkanuko, ngalokho nengezela inkuthalo yonke nelekele ubuhle ekukholweni, nasebuhleni ukwazi, nasekwazini ukuzithiba, nasekuzithibeni ukukhuthazela, nasekukhuthazeleni ukumesaba uNkulunkulu, nasekumesabeni uNkulunkulu ukuthanda abazalwane, nasekuthandeni abazalwane uthando. Ngokuba uma lezo zinto zikhona kini zivama, ziyanenza ningabi ngabavilaphayo nabangenazithelo ekwazini iNkosi yethu uJesu Kristu, ngokuba okungekho kuye lezo zinto uyimpumputhe, ebona kalufifi, ekhohliwe ukuhlanjululwa ezonweni zakhe zokuqala. Ngakho-ke, bazalwane, khuthalelani kakhulu ukwenza kuqiniseke ukubizwa nokukhethwa kwenu; ngokuba uma nenza lokho, anisoze nakhubeka. Ngokuba ngokwenze njalo niyakuphiwa ngokwengcebo ukungena embusweni waphakade weNkosi yethu noMsindisi uJesu Kristu. Ngakho-ke ngiyakuba yilokhu nginikhumbuza njalo ngalezo zinto, nakuba nizazi, nime niqinile eqinisweni elikhona. Ngithi kufanele, nxa ngisekhona kuleli dokodo, nginivuse ngokunikhumbuza, ngazi ukuthi kuseduze ukususwa kwedokodo lami, njengalokho neNkosi yethu uJesu Kristu yangitshengisa; kepha ngizakukhuthalela ukuba ngezikhathi zonke emva kokumuka kwami nisale nizikhumbule lezo zinto. Ngokuba sasingalandeli izinganekwane zobuqili, lapho sanazisa amandla nokufika kweNkosi yethu uJesu Kristu, kodwa sasingababonayo amandla obukhosi bakhe. Ngokuba wamukela kuNkulunkulu uYise udumo nenkazimulo, lapho kwafika kuye izwi elinje, livela enkazimulweni yobukhosi, lithi: “Lo uyiNdodana yami ethandekayo engithokozile ngayo” – lelo zwi salizwa thina livela ezulwini, sikanye naye entabeni engcwele. Sesinalo izwi lesiprofetho eliqinisekile kakhulu, enenza kahle ukuliqaphela kungathi liyisibani esikhanyayo endaweni emnyama kuze kuse, ikhwezi liphumele ezinhliziyweni zenu, nazi lokhu kuqala ukuthi kasikho isiprofetho sombhalo esingachasiselwa ngumuntu ngokwakhe; ngokuba akuzange kuvezwe isiprofetho ngentando yomuntu, kepha abantu beqhutshwa nguMoya oNgcwele bakhuluma okukaNkulunkulu.

2 kaPetru 1:1-21 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)