2 kwabaseKorinte 9:10-15

2 kwabaseKorinte 9:10-15 CZB24

Kepha opha imbewu kumhlanyeli okhonza isinkwa sokudla kwenu, andise imbewu yenu, andise izithelo zokulunga kwenu; licetshiswe ezintweni zonke kukho konke ukuphana, okuveza ngathi ukubonga uNkulunkulu. Ngokuba ukukhonza kwalo kukhonza akugcwalisi ukuswela kwabangcwele kuphela, kodwa futhi kuvame ukubonga okuningi kuNkulunkulu; Ngobufakazi balokhu kukhonza bayakhazimulisa uNkulunkulu ngenxa yokuthobela kwenu isivumo senu evangelini likaKristu, nangenxa yokupha kwenu ukuphana kwenu kubo nakubo bonke abantu; nangokukhuleka kwabo ngani, benilangazelela ngenxa yomusa omkhulu kaNkulunkulu phakathi kwenu. Akabongwe uNkulunkulu ngesipho sakhe esingakhulumekiyo.