2 kwabaseKorinte 9:10-15
2 kwabaseKorinte 9:10-15 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)
Kepha opha imbewu kumhlanyeli okhonza isinkwa sokudla kwenu, andise imbewu yenu, andise izithelo zokulunga kwenu; licetshiswe ezintweni zonke kukho konke ukuphana, okuveza ngathi ukubonga uNkulunkulu. Ngokuba ukukhonza kwalo kukhonza akugcwalisi ukuswela kwabangcwele kuphela, kodwa futhi kuvame ukubonga okuningi kuNkulunkulu; Ngobufakazi balokhu kukhonza bayakhazimulisa uNkulunkulu ngenxa yokuthobela kwenu isivumo senu evangelini likaKristu, nangenxa yokupha kwenu ukuphana kwenu kubo nakubo bonke abantu; nangokukhuleka kwabo ngani, benilangazelela ngenxa yomusa omkhulu kaNkulunkulu phakathi kwenu. Akabongwe uNkulunkulu ngesipho sakhe esingakhulumekiyo.
2 kwabaseKorinte 9:10-15 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Kepha lowo onika ohlwanyelayo inhlwanyelo nesinkwa sokudliwa, uyakuninika ngokuphindiwe inhlwanyelo yenu, aphinde andise isivuno sokulunga kwenu, ukuze nithi nicetshisiwe kokuningi nibe ngabaphanayo, okuyakuveza ngathi ukubonga uNkulunkulu. Ngokuba ukukhonza ngale nkonzo, akuqedi nje ukweswela kwabangcwele, kodwa kwenza ukuba kuvame ukubonga uNkulunkulu kwabaningi. Ngokuvivinyeka kwale nkonzo, abantu badumisa uNkulunkulu ngenxa yokulalela, nangokuvuma kwenu ivangeli likaKhristu, nangenxa yokuphana kubo, nakubo bonke abanye, benilangazelela; bayanikhulekela ngenxa yomusa kaNkulunkulu okini omkhulu kakhulu. Makabongwe uNkulunkulu ngenxa yesipho sakhe esingachazekiyo.
2 kwabaseKorinte 9:10-15 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Kepha yena onika ohlwanyelayo inhlwanyelo nesinkwa sokudliwa uyakulungisela evise imbewu yenu, andise izithelo zokulunga kwenu, ukuze ezintweni zonke nicetshiswe kukho ukuphana konke okuveza ngathi ukubonga uNkulunkulu. Ngokuba ukukhonza ngale nkonzo akuqedi kuphela ukuswela kwabangcwele, kepha futhi kuvamisa kakhulu ukumbonga uNkulunkulu ngabaningi, lokhu ngokuvivinyeka kwale nkonzo badumisa uNkulunkulu ngenxa yokulalela kokuvuma kwenu ivangeli likaKristu nangenxa yobuqotho bobudlelwane benu nabo, yebo, nabo bonke, banilangazelele futhi ngokunikhulekela ngenxa yomusa omkhulu kakhulu kaNkulunkulu okini. Makabongwe uNkulunkulu ngenxa yesipho sakhe esingakhulumekiyo.
2 kwabaseKorinte 9:10-15 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)