Kepha le ngcebo sinayo ezitsheni zebumba, ukuze ubukhulu bamandla obumangalisayo bube obukaNkulunkulu, bungabi buvela kithi. Siyabandezelwa nxazonke, nokho asicindezelwe; siyaxakeka, kodwa asidangali; siyashushiswa, kodwa asidelwa; siphonswa phansi, kodwa asibhujiswa; sithwele njalonjalo emzimbeni wethu ukufa kweNkosi uJesu, ukuze lempilo kaJesu ibonakaliswe emizimbeni yethu. Ngokuba thina esiphilayo sihlala sinikelwa ekufeni ngenxa kaJesu, ukuze nokuphila kukaJesu kubonakaliswe enyameni yethu efayo. Ngakho-ke kusebenza ukufa kithi, kodwa kinina ukuphila. Thina silomoya wokukholwa, njengokulotshiweyo ukuthi: Ngakholwa, ngakho ngakhuluma; nathi siyakholwa, ngakho siyakhuluma; sisazi ukuthi yena owavusa iNkosi uJesu uzasivusa lathi ngoJesu, asethule kanye lani. Ngokuba konke kungenxa yenu, ukuze umusa ngokwandayo ngokubonga kwabaningi uvame, kube ludumo kuNkulunkulu. Ngakho kasidangali; kepha noma kubhubha umuntu wethu wangaphandle, owangaphakathi wenziwa musha imihla ngemihla. Ngokuba usizi lwethu olulula, olungokomzuzwana, luyasisebenzela isisindo esiyinkazimulo emiyo yonke kakhulukazi; Thina singabheki okubonwayo kodwa okungabonwayo, ngokuba okubonwayo kungokwesikhashana; kodwa okungabonwayo kungokwaphakade.
Funda 2 kwabaseKorinte 4
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: 2 kwabaseKorinte 4:7-18
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo