2 kwabaseKorinte 4:7-18

2 kwabaseKorinte 4:7-18 ZUL59

Kepha le ngcebo sinayo ezitsheni zebumba, ukuze ubukhulu bamandla obukhulu kakhulu bube ngobukaNkulunkulu, bungabi ngobuvela kithi. Siyacindezelwa nxazonke, kodwa asinyinyekile; siyaxakeka, kodwa asidikibali; siyazingelwa, kodwa asidelwa; siwiswa phansi, kodwa asibhujiswa; sithwele njalonjalo emzimbeni wethu ukufa kukaJesu, ukuze nokuphila kukaJesu kubonakaliswe emzimbeni wethu. Ngokuba sisaphila sinikelwa njalo ekufeni ngenxa kaJesu, ukuze nokuphila kukaJesu kubonakaliswe enyameni yethu efayo. Kanjalo kusebenza ukufa kithina, kepha kinina ukuphila. Lokhu sinawo lo moya wokukholwa, njengokulotshiweyo ukuthi: “Ngakholwa, ngakho ngakhuluma,” nathi siyakholwa, ngakho-ke siyakhuluma, sazi ukuthi yena owavusa iNkosi uJesu uyakusivusa nathi kanye noJesu, asethule kanye nani. Ngokuba konke kwenziwa ngenxa yenu, ukuze umusa ngokwandiswa kubo abaningi uvamise ukubonga, kube ludumo kuNkulunkulu. Ngakho asidangali, kodwa noma kubhubha umuntu wethu wangaphandle, owangaphakathi wenziwa musha imihla ngemihla. Ngokuba usizi lwethu olululana olungolomzuzwana luyasisebenzela isilinganiso esikhulu kakhulu senkazimulo emiyo phakade, thina esingabheki okubonwayo kodwa okungabonwayo; ngokuba okubonwayo kungokwesikhashana, kepha okungabonwayo kungokwaphakade.