2 kwabaseKorinte 3:7-11

2 kwabaseKorinte 3:7-11 CZB24

Kepha uma inkonzo yokufa, ilotshiwe, iqoshwe ematsheni, yayinenkazimulo, kangangokuthi abantwana bakwa-Israyeli babengenakububheka ubuso bukaMose ngenxa yenkazimulo yobuso bakhe; okuyinkazimulo eyayizakuqedwa; Inkonzo kaMoya ayiyikuba nenkazimulo kakhulu na? Ngokuba uma inkonzo yokulahlwa iyinkazimulo, kakhulukazi inkonzo yokulunga iyodlula inkazimulo. Ngokuba nalokho okwakhazinyuliswa akubangakho inkazimulo ngalokho, ngenxa yenkazimulo eyidlulayo. Ngokuba uma lokho okwakuphela kwaba nenkazimulo, kakhulu kangakanani lokho okuhlalayo kunenkazimulo.