2 kwabaseKorinte 2:14-16

2 kwabaseKorinte 2:14-16 CZB24

Makabongwe uNkulunkulu osihola njalo ekunqobeni kuKristu, ebonakalisa ngathi iphunga lokwazi kwakhe ezindaweni zonke. Ngokuba thina siyiphunga elimnandi likaKristu kuNkulunkulu phakathi kwabasindiswayo nakwababhubhayo; Kwabanye siyiphunga lokufa kube ngukufa; futhi kwabanye iphunga lokuphila kube ngukuphila. Futhi ngubani owanele lezi zinto?