2 kwabaseKorinte 2:14-16
2 kwabaseKorinte 2:14-16 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)
Makabongwe uNkulunkulu osihola njalo ekunqobeni kuKristu, ebonakalisa ngathi iphunga lokwazi kwakhe ezindaweni zonke. Ngokuba thina siyiphunga elimnandi likaKristu kuNkulunkulu phakathi kwabasindiswayo nakwababhubhayo; Kwabanye siyiphunga lokufa kube ngukufa; futhi kwabanye iphunga lokuphila kube ngukuphila. Futhi ngubani owanele lezi zinto?
2 kwabaseKorinte 2:14-16 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Kepha makabongwe uNkulunkulu osihola njalo odwendweni lokunqoba ngoKhristu, nothaphukisa ngathi iphunga lokwazi kwakhe ezindaweni zonke. Ngokuba siyiphunga elimnandi likaKhristu kuNkulunkulu kulabo abasindiswayo nakulabo ababhubhayo. Kwababhubhayo, siyiphunga lokufa kube ngukufa; kodwa kwabasindiswayo, siyiphunga lokuphila kube ngukuphila. Pho ngubani ongakwazi ukwenza lokho na?
2 kwabaseKorinte 2:14-16 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Kodwa makabongwe uNkulunkulu osihola njalo odwendweni lokunqoba kuKristu nobonakalisa ngathi iphunga lokwazi kwakhe ezindaweni zonke; ngokuba siyiphunga elimnandi likaKristu kuNkulunkulu kubo abasindiswayo nakubo abalahlwayo, kulaba siyiphunga lokufa kube ngukufa, kodwa kulabo siyiphunga lokuphila kube ngukuphila. Ngubani ongangalokho na?
2 kwabaseKorinte 2:14-16 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)