2 kwabaseKorinte 2

2
2 kwabaseKorinte 2
1Kodwa ngazimisela lokhu ngokwami ukuthi ngingabuyi ngize kini ngidabukile.
2Ngokuba uma mina nginidabukisa, ngubani-ke ongithokozisayo, uma kungesiye lowo engidabukisayo na?
3Nganilobela lokhu, ukuze kuthi ekufikeni kwami ngingabi lusizi yilabo engimelwe ukuthokoza ngabo; nginethemba ngani nonke ukuthi intokozo yami iyinjabulo yenu nonke.
4Ngoba ekuhluphekeni okukhulu lobuhlungu benhliziyo ngalibhalela ngezinyembezi ezinengi; kungeyisikho ukuthi nidabuke, kodwa ukuze nazi uthando enginithanda kakhulu ngalo.
5Kepha uma ekhona odabukisile, akadabukisanga mina, kodwa nganxanye, ukuze nginganiqiqi nonke.
6Kumanele onjalo lokhu kujeziswa anikwa abaningi.
7Ngakho-ke kufanele nimthethelele, nimduduze, funa onjalo agwinywe usizi olukhulu.
8Ngakho ngiyalincenga ukuthi liqinise uthando lwenu kuye.
9Ngoba futhi ngenxa yalokhu ngalibhalela, ukuze ngazi ubufakazi benu, ukuthi lingabalalelayo ezintweni zonke yini.
10Enimthethelela utho, nami ngiyamthethelela;
11funa uSathane asidle, ngokuba asibona abangenalwazi ngamacebo akhe.
12Ngakho-ke ekufikeni kwami eTrowa ukutshumayela ivangeli likaKristu, ngasengivulelwe umnyango eNkosini.
13Angibanga nakuphumula emoyeni wami, ngokuba angimfumananga uThithu umzalwane wami;
14Makabongwe uNkulunkulu osihola njalo ekunqobeni kuKristu, ebonakalisa ngathi iphunga lokwazi kwakhe ezindaweni zonke.
15Ngokuba thina siyiphunga elimnandi likaKristu kuNkulunkulu phakathi kwabasindiswayo nakwababhubhayo;
16Kwabanye siyiphunga lokufa kube ngukufa; futhi kwabanye iphunga lokuphila kube ngukuphila. Futhi ngubani owanele lezi zinto?
17Ngokuba asinjengabaningi abonakalisa izwi likaNkulunkulu, kepha njengabaqotho, njengabavela kuNkulunkulu phambi kukaNkulunkulu sikhuluma sikuKristu.

Okuqokiwe okwamanje:

2 kwabaseKorinte 2: ZuluNT

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo