2 kwabaseKorinte 2:1-10

2 kwabaseKorinte 2:1-10 CZB24

Kodwa ngazimisela lokhu ngokwami ukuthi ngingabuyi ngize kini ngidabukile. Ngokuba uma mina nginidabukisa, ngubani-ke ongithokozisayo, uma kungesiye lowo engidabukisayo na? Nganilobela lokhu, ukuze kuthi ekufikeni kwami ngingabi lusizi yilabo engimelwe ukuthokoza ngabo; nginethemba ngani nonke ukuthi intokozo yami iyinjabulo yenu nonke. Ngoba ekuhluphekeni okukhulu lobuhlungu benhliziyo ngalibhalela ngezinyembezi ezinengi; kungeyisikho ukuthi nidabuke, kodwa ukuze nazi uthando enginithanda kakhulu ngalo. Kepha uma ekhona odabukisile, akadabukisanga mina, kodwa nganxanye, ukuze nginganiqiqi nonke. Kumanele onjalo lokhu kujeziswa anikwa abaningi. Ngakho-ke kufanele nimthethelele, nimduduze, funa onjalo agwinywe usizi olukhulu. Ngakho ngiyalincenga ukuthi liqinise uthando lwenu kuye. Ngoba futhi ngenxa yalokhu ngalibhalela, ukuze ngazi ubufakazi benu, ukuthi lingabalalelayo ezintweni zonke yini. Enimthethelela utho, nami ngiyamthethelela