2 KwabaseKhorinte 2:1-10

2 KwabaseKhorinte 2:1-10 ZUL20

Kepha nganquma ukuba ngingezi futhi kini ukunidabukisa. Ngokuba uma mina nginidabukisa, pho ngubani ongithokozisayo, uma kungesiye lowo odabukiswa yimi na? Ngilobe lezi zinto, ukuze kuthi uma ngifika, ngingezwiswa ubuhlungu yilabo obekufanele ngithokoze ngabo. Nginesibindi ngani nonke ukuthi ukuthokoza kwami kungokwenu nonke. Ngokuba nganilobela ngisezinhlungwini, ngidabukile enhliziyweni, futhi kuphophoza izinyembezi, hhayi ukuba nginizwise ubuhlungu, kodwa ukuba nazi ukuthi nginithanda kakhulu. Kepha uma kukhona onizwise ubuhlungu, uzwise mina ubuhlungu, ukuze ngingenzi ihaba, unidabukise nonke. Kumfanele onjalo ukuba ajeziswe ngalokho ngabaningi, kodwa kunalokho, mthetheleleni, nimduduze, funa owenze lokho ahaqwe wusizi. Ngakho-ke ngiyanincenga ukuba nimkhombise ukuthi niyamthanda. Ngokuba ngaloba ngaleso sizathu ukuba nginihlole ukuthi niyalalela yini kukho konke. Lowo enimthethelela okuthile, nami ngiyamthethelela, ngokuba lokhu engikuthethelele, uma kukhona noma yini engiyithetheleleyo, ngiyithethelele ngenxa yenu, ebukhoneni bukaKhristu