2 kwabaseKorinte 11:23-28

2 kwabaseKorinte 11:23-28 CZB24

Bayizikhonzi zikaKristu na? (Ngikhuluma njengesiwula) mina kakhulu; ekukhandlekeni okuchichima kakhulu, ngemivimbo engaphezu kwesilinganiso, ematilongweni kaningi, nasekufeni kaningi. KubaJuda ngathola kahlanu imivimbo engamashumi amane kushiya owodwa. Ngashaywa kathathu ngezinduku, ngakhandwa kanye ngamatshe, kathathu ngalinyalelwa umkhumbi, ngaba semanzini olwandle ubusuku bunye nemini; ekuhambeni njalo, ezingozini zamanzi, ezingozini zabaphangi, ezingozini ngabakithi, ezingozini ngabezizwe, engozini emzini, engozini enkangala, engozini olwandle, engozini phakathi kwabazalwane bamanga. Ekukhandlekeni nasezinhlungwini, nasekulindeni kaningi, endlaleni nasekomeni, nasekuzileni ukudla kaningi, emakhazeni nasekuhambeni-ze. Ngaphandle kwalokho okungehlelayo imihla ngemihla yikukhathalela onke amabandla.

Uhlelo Lwamahhala Lokufunda nokuthandaza okuhlobene ne 2 kwabaseKorinte 11:23-28

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo