2 kwabaseKorinte 11:23-28

2 kwabaseKorinte 11:23-28 ZUL59

Bayizikhonzi zikaKristu na? Ngikhulumisa okohlanya – ngiyiso kakhulu kunabo; ekukhandlekeni kakhulu kunabo, nasekuboshweni kaningi kunabo, nasekushayweni okukhulu impela, nasezingozini zokufa ngezikhathi eziningi. KubaJuda ngathola kahlanu imivimbo, kushiywa munye emashumini amane; ngashaywa kathathu ngezinduku, ngakhandwa kanye ngamatshe, kathathu ngalinyalelwa umkhumbi, ngaba semanzini olwandle ubusuku bunye nemini; ngangisekuhambeni kaningi, nasezingozini zemifula, nasezingozini zabaphangi, nasezingozini kwabakithi, nasezingozini kwabezizwe, nasezingozini emzini, nasezingozini ehlane, nasezingozini elwandle, nasezingozini kubazalwane bamanga, ngokukhandleka nangokukhathazeka, kaningi ngokuqwasha ebusuku, ngokulamba nangokoma, kaningi ngokuzila ukudla, nasemakhazeni nangokuhambaze; ngaphandle kwezinye izinto kukhona okungicindezelayo imihla yonke: ukukhathalela onke amabandla.

Uhlelo Lwamahhala Lokufunda nokuthandaza okuhlobene ne 2 kwabaseKorinte 11:23-28

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo