2 kwabaseKorinte 11:22-33

2 kwabaseKorinte 11:22-33 CZB24

BangamaHebheru na? nami nginjalo. Bangama-Israyeli na? nami nginjalo. Bayinzalo ka-Abrahama na? nami futhi. Bayizikhonzi zikaKristu na? (Ngikhuluma njengesiwula) mina kakhulu; ekukhandlekeni okuchichima kakhulu, ngemivimbo engaphezu kwesilinganiso, ematilongweni kaningi, nasekufeni kaningi. KubaJuda ngathola kahlanu imivimbo engamashumi amane kushiya owodwa. Ngashaywa kathathu ngezinduku, ngakhandwa kanye ngamatshe, kathathu ngalinyalelwa umkhumbi, ngaba semanzini olwandle ubusuku bunye nemini; ekuhambeni njalo, ezingozini zamanzi, ezingozini zabaphangi, ezingozini ngabakithi, ezingozini ngabezizwe, engozini emzini, engozini enkangala, engozini olwandle, engozini phakathi kwabazalwane bamanga. Ekukhandlekeni nasezinhlungwini, nasekulindeni kaningi, endlaleni nasekomeni, nasekuzileni ukudla kaningi, emakhazeni nasekuhambeni-ze. Ngaphandle kwalokho okungehlelayo imihla ngemihla yikukhathalela onke amabandla. Ngubani obuthakathaka, ngingabi buthakathaka nami? ngubani okhubekiswayo, mina ngingashi na? Uma kufanele ngizidumise, ngizoziqhayisa ngezinto eziphathelene nobuthakathaka bami. UNkulunkulu noYise weNkosi yethu uJesu Kristu, obongeka kuze kube phakade, uyazi ukuthi angiqambi amanga. EDamaseku umbusi wenkosi u-Aretha wayelinda umuzi wamaDamaseku efuna ukungibamba; ngehliswa ngefasitela kubhasikidi odongeni, ngaphunyuka ezandleni zakhe.