BangamaHeberu na? Nami. Bangaba-Israyeli na? Nami. Bayinzalo ka-Abrahama na? Nami. Bayizikhonzi zikaKristu na? Ngikhulumisa okohlanya – ngiyiso kakhulu kunabo; ekukhandlekeni kakhulu kunabo, nasekuboshweni kaningi kunabo, nasekushayweni okukhulu impela, nasezingozini zokufa ngezikhathi eziningi. KubaJuda ngathola kahlanu imivimbo, kushiywa munye emashumini amane; ngashaywa kathathu ngezinduku, ngakhandwa kanye ngamatshe, kathathu ngalinyalelwa umkhumbi, ngaba semanzini olwandle ubusuku bunye nemini; ngangisekuhambeni kaningi, nasezingozini zemifula, nasezingozini zabaphangi, nasezingozini kwabakithi, nasezingozini kwabezizwe, nasezingozini emzini, nasezingozini ehlane, nasezingozini elwandle, nasezingozini kubazalwane bamanga, ngokukhandleka nangokukhathazeka, kaningi ngokuqwasha ebusuku, ngokulamba nangokoma, kaningi ngokuzila ukudla, nasemakhazeni nangokuhambaze; ngaphandle kwezinye izinto kukhona okungicindezelayo imihla yonke: ukukhathalela onke amabandla. Ngubani obuthakathaka ngingebuthakathaka nami na? Ngubani okhubekiswayo kungavuthi kimi na? Uma ngimelwe ukuzibonga, ngiyakuzibonga ngobuthakathaka bami. UNkulunkulu noYise weNkosi uJesu, obongekayo phakade naphakade, uyazi ukuthi angiqambi amanga. EDamaseku induna yenkosi u-Aretha yalinda umuzi wamaDamaseku ukuba ingibambe; ngehliswa efasiteleni ngesilulu ogangeni, ngaphepha ezandleni zayo.
Funda 2 kwabaseKorinte 11
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: 2 kwabaseKorinte 11:22-33
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo